INHLANGANO elwela ukuthi abantu badle ukudla okunomsoco, iHealthy Living Alliance (Heala), isembhidlangweni wokunxenxa uhulumeni ukuba aphoqe izinkampani zokudla ukuthi zibhale emakhathonini nasemathinini ukuthi ukudla kuthakwe ngani.
Lapha kukhulunywa ngabakhiqiza iziphuzo, ukudla okusemathinini, okusezitsheni zoplastiki njengamayogathi nokusemakhathonini.
UNksz Zukiswa Zimela obhekelele ezokuxhumana kwi-Heala, uthe banemikhankaso emibili eseqhulwini njengamanje. Owokuqala; owokuqinisekisa ukuthi amalebuli okudla anezithako zakho abhalwa ngaphambili, ngamagama agqamile futhi kusheshe kucaciswe ukuthi lokho kudla kunoshukela, usawoti namafutha angakanani.
Owesibili; umkhankaso owokuthi intela kashukela isetshenziselwe ukuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli banokudla okwanele ikakhulukazi izingane ezivela emindenini ehlwempu.
Lokhu uthe kungenziwa ngokuthi kwengezwe isibonelelo sabangasebenzi noma kwakhiwe izindawo ezilonda ukudla okuzodliwa wumphakathi (food bank).
Uthe amalebuli okudla avamise ukuba ngemuva lapho uzotshelwa ngokuthi lokho kudla kuthakwe ngani, ngabe kunempilo nokunye okuningi.
Ubalule ukuthi amalebuli okudla ayadida ngoba abhalwe ngamagama esiNgisi angakhulunywa njalo.
Lokhu uthi kwenza abantu bathenge noma yikuphi ukudla abasuke bezitshela ukuthi kunempilo kanti kunoshukela, usawoti, amafutha nokunye okungenampilo okusuke kucashile.
Uveze ukuthi ukudla kakhulu ushukela, usawoti namafutha kubanga isifo sikashukela (i-type 2 diabetes), isifo somfutho wegazi (high blood), esenhliziyo kanjalo nesohlangothi.
“Kubalulekile ukuthi abantu bafundiswe ngendlela yokudla kahle, ukuze bakwazi ukubona ukudla okunomsoco nokungenawo. Into esiyifaka emlonyeni inomthelela empilweni yethu ngoba kukhona asebeguliswa wuhlobo lokudla abakudlayo. Sidinga uhulumeni enze amalebuli okudla abe ngaphambili,” kusho uNksz Zimela.
Uveze ukuthi amanye amazwe afuna ukuba nezakhamuzi eziphile kahle aseqalile ukuqinisekisa ukuthi amalebuli aba ngaphambili ekudleni. Kulawo mazwe kubalwa iBrazil, Mexico neChile.
Ubuye wakhala ngokuthi eNingizimu Afrika abantu bakhuluphele ngokweqile njengoba ucwaningo luveza ukuthi abayisithupha kwabesifazane abawu-10 bakhuluphele ngokweqile kanti u-13% wezingane ukhuluphele kakhulu.
Uthe izifo azigcini kwabesifazane nezingane ngoba olunye ucwaningo luveza ukuthi umuntu oyedwa kwabahlanu eNingizimu Afrika, unesifo somfutho wegazi, esenhliziyo noma usengcupheni yokuqalwa yilezi zifo.
Konke lokhu uthe kufakazela ukuthi abantu kufanele badle ukudla okunomsoco, ngisho ezitolo kube sobala ukuthi yini abayithengayo.