I-ESKOM isicele amaqembu epolitiki ukuba ayeke ukunameka izingqwembe zokhetho kwingqalasizinda yayo.
UNksz Daphne Mokoena okhulumela i-Eskom uthe akuvumelekile ukunameka izingqwembe kwingqalasizinda kagesi ngoba lokhu kungalimaza loyo ogibela kule ngqalasizinda.
Uthe ngabasebenzi base-Eskom kuphela abavumeleke ukugibela kwingqalasizinda kagesi ngoba yibona abakwazi ukulandela imigomo yezokuphepha.
Ngokujwayelekile izingqwembe zokhetho zinamekwa ezigxotsheni zikagesi nasezihlahleni.
Khonamanjalo, i-Eskom ithembisa ukuthi ngeke uhambe kakhulu ugesi ebusika njengoba ilindele ukuwunqamula ngokwesigaba sesibili kuya kwesesine.
Kungenzeka uma kukubi kakhulu unqamuke ngokwesigaba sesihlanu.
Lezi zindaba zivezwe yisikhulu esiphezulu sase-Eskom uDkt Dan Marokane esithangamini sabezindaba.
UMarokane uthe balindele ukuthi ugesi unqamuke izinsuku eziwu-50 phakathi kuka-Ephreli no-Agasti nonyaka.
Ulindele ukuthi basebenzise udizili ka-R8.8 billion uma kuba nezimo eziphoqayo.
Uthe abantu abehlise umoya ukuthi ugesi ungase unqamuke kuya kwisigaba sesishiyagalombili ngoba lokho ngeke kwenzeke.
Uveze ukuthi izinhlelo zabo zokulungisa ingqalasizinda nemishini yabo ephehla ugesi zihamba kahle yingakho izwe selinezinsuku eziwu-31 zokunganqamuki kukagesi.
Ubalule ukuthi uma kufe imishini ehambisa ugesi owu-14 000MW bazokwazi ukunqamula ugesi ngokwesigaba sokuqala kanti uma imishini yabo ifa kakhulu kulahleka ugesi owu-17 000MW bazobe sebewunqamula ngokwesigaba sesihlanu.