ISHINTSHE umshovo i-EFF ijuba uNobhala-Jikelele wayo, uMnuz uMarshall Dlamini, embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal.
Seluvele luqalile ukhetho zidlana imilala kuyavotwa njengoba kuqalwe ngabavota ngokukhethekile izolo, nanamuhla beqhubeka. Kulindeleke ukuthi kusasa kuqale ukuvota uwonkewonke.
Isifundazwe i-KZN ibukeka iyintombi efunwa yizo zonke izinsizwa kwezepolitiki ngoba imikhankaso yamaqembu iqine kakhulu khona.
I-EFF imemezele ukuthi uDlamini uzongenela umbango wesikandunankulu njengoba zidlana imilala okhethweni. Lokhu kusho ukuthi uma ingase isithole isikhundla nguyena oyongena kusona ahole uhulumeni.
Akuvamile kwezepolitiki ukuthi unobhala-jikelele ohlala ehhovisi elikhulu abuye ayobanga izikhundla ezingeni elingaphansi. Okunye okuqaphelekayo wukuthi i-EFF imeqile uSihlalo wayo waseKZN, uMnuz uMongezi Twala, yalanda uDlamini phezulu.
Okwesithathu wukuthi i-EFF ithathe isikhathi eside kakhulu ukumemezela egadla ngaye kwesombango kandunankulu ekubeni amanye amaqembu kade abamemezela. Igama likaDlamini lize lavezwa wumholi weqembu, uMnuz uJulius Malema, emcimbini wabo womkhankaso wokugcina eLimpopo.
UMalema uthe uma bethatha uhulumeni, bazojuba abantu abafundile abanesipiliyoni nabanamakhono afanele noma ngabe abawona amalungu e-EFF.
UDlamini udabuka eMzimkhulu khona kulesi sifundazwe. Kuvalwa ihlandla likahulumeni nje ubeyilungu lePhalamende, emele lona iqembu lakhe.
Ubuye aziwe njengosomabhizinisi kanti ubesanda kuthweswa iziqu ze-Bachelor of Arts in International Relations azithole e-Unisa nyakenye.
UDlamini uphakanyiswa nje ngo-Ephreli nonyaka ulahlwe yicala lokushaya iphoyisa ngesihluku ePhalamende kanti kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoMeyi 31.
UDlamini uzanywe kaningi ocingweni wangatholakala njengoba belukhala lungabanjwa. Kuzanywe nomkhulumeli weqembu, uMnuz Sinawo Tambo, naye ongatholakalanga.