SENZE okuhlukile namhlanje isikole saseMlaza, ngesikhathi sihlanganisa ongoti bemikhakha ehlukene ngenhloso yokuqoqa isikhwama semifundaze yabafundi.
I-Canaan College, isikole esizimele esisesigcemeni sakwa-V eMlaza, ihlele ngempumelelo iCanaan College Business Breakfast, lapho inxenxe abantu ukuthi bafake isandla ekufundiseni abanye babafundi. Igxathu lithathwe yisikole ngemva kokubona ukuthi kunabazali abaningi abashayeke bephindelela ngemva kokuhlasela kweCovid 19, nokubheduka kwezibhelu ezishiye abaningi bengasebenzi.
UNksz Sithabile Shezi, oyiChief Operations Officer ye-Edinvest Schools Education, uthe ukufunda nokufundisa kuhambisana nokubambisana nabazali ngezindlela ezahlukene yingakho isikole siqale uhlelo. Echaza kabanzi ngohlelo lwabo, uthe luvulelekile futhi bazivulile izandla kuwona wonke umuntu ongakwazi ukulekelela.
"Siqale isikhwama sokusiza abafundi ikakhulu abakhaliphe ngokweqile kepha abanabazali abangakwazi ukubafundisa. KwaZulu-Natal bashayeke kakhulu nangezibhelu abazali kwathi abangosomabhizinisi balinyalelwa, abanye baphelelwa yimisebenzi. Sibone kufanele siqale uhlelo lokusiza njengesikole ukuze sikwazi ukusiza nezingane ezingafundi kulesi sikole kodwa ezinothando," kuchaza uNksz Shezi.
Eqhuba uNksz Shezi uthe, ababheki nje kuphela ukukhalipha komfundi kodwa bayazikhathaza nangekhaya aphuma kulo. Uthe okwamanje bebefisa okungenani bakwazi ukusiza imindeni ewu-10, nangaphezulu kodwa konke lokhu kulele kubantu abalula isandla.
I-Caanan College eqala kugrade R, inabafundi abangaphezulu kuka-1000 kanti kulo nyaka inebanga lokuqala elenza umatric. Lokhu kuwumlando esikoleni ngoba saqala kuGrade R sigcina kuGrade 7, ukuba no-matric ngenye yezinto esibeke ebalazweni.