ITHEMBISE ukuyilwa kuze kunqamuke izandla i-ANC eyokuchitha owayengumengameli wayo nezwe, uMnuz Jacob Zuma, okhonjwe indlela kule nhlangano.
Le nhlangano ithe kuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwayo noZuma njengoba simile isinqumo sekomiti elibhekele ukuqondiswa ubugwegwe bale nhlangano, sokuxosha uZuma, okungumengameli wokuqala wenhlangano ngesikhathi senkululeko okhonjwe indlela kule nhlangano.
UZuma onezinsuku ezingu-21 ukuthi aphikisane nesinqumo, uzoxhumana nabameli bakhe ngokusho kweqembu lakhe, uMkhonto weSizwe.
Ungoti wezomthetho uMnuz Mpumelelo Zikalala, uthe akaboni ukuthi uZuma uzophumelela uma egcina ngokuthi aphonsele inselelo isinqumo ngoba ulitholile ithuba lokuvela ngaphambi kwekomiti kodwa wakhala ngobuhixihixi bezokuxhumana.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, utshele abezindaba ukuthi bazolwa kuze kube sekugcineni ekutheni isinqumo singaguqulwa.
“UZuma wazixosha yena ngokuthi amemezele ukuthi uzoseka elinye iqembu, waphinde waphenduka umholi weqembu. Kunobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi ungumholi weMK ngoba uze waya enkantolo wayobanga nomuntu owabhalisa leli qembu. Besifuna ukulandela yonke imigudu yenhlangano ngaphambi kokumxosha. Kahle, kahle kukhona abathi liphume nobomvu ngokuxoshwa kwakhe ngoba vele into ebikade kuthiwa kwakumele ngabe sayenza kudala,” kusho uMbalula izolo.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ugxeke i-ANC ngalesi sinqumo, wathi ngeke basonge izandla babukele kuxoshwa umholi wabo ngale ndlela. Uthe bashaqekile ngokuthi lesi sinqumo siputshuke singakafinyeleli ngisho kuZuma.
“Le yimizamo ye-ANC kaRamaphosa (Cyril) yokubukela phansi uZuma. Obemele uZuma esigcawini sokuqondiswa ubugwegwe (uMnuz Tony Yengeni), akaziswanga ngalesi sinqumo ngendlela efanele, kube sengathi inkantolo yasehlathini,” kusho uNdhlela.
UZikalala uqhubeke wathi, “Angafaka isimangalo ngalesi sinqumo ukuze athi ulwe kwaze kwaba sekugcineni kodwa mancane amathuba okuthi aphumelele. Ubengaphika ukuthi akalona ilungu leMK kodwa kunemiqingo efungelwe lapho eveza khona ukuthi ungumholi weqembu waze waya nasenkantolo, ngakho mancane amathuba okuphunyuka.”
UMbalula uvikele isinqumo samalungu ekomiti lobugwegwe okubalwa oNksz Faith Muthambi, Nocawe Mafu, Robinson Ramaite, Kerensa Millard no-Advovate Vusi Pikoli, avotele ukuthi axoshwe uZuma.
“I-MK igxeka thina ithi siyinkantolo yasehlathini. Siyayilandela imigomo asifani neMK, exosha abantu noma yikanjani. Namhlanje ukhuluma nomuntu kusasa uthole ukuthi usexoshiwe. UKhumalo (Jabulani, owabhalisa iMK), uphi manje? Waxoshwa ngaphandle kokuya ekomitini lobugwegwe,” kusho uMbalula.
Uthe bebengeke babhalele iMK incwadi yokuxosha uZuma ngoba ababekanga leli qembu icala kodwa babeka uZuma icala.
“Mayelana nodaba lokuputshuka kwesinqumo, yinto esizoyiphenya ngaphakathi ngoba ziningi izinto ezivezwa ezinkundleni zokuxhumana. Isinqumo simile uZuma uxoshiwe. Ubulungu bakhe bebuzophela ngoDisemba kulo nyaka,” kusho uMbalula.
UMbalula uthe uZuma wehlisa ukwesekwa kwe-ANC okhethweni lwanonyaka.