I-ANC izoshintsha ukwenza ezifundazweni ezimbili ezinkulu engazange yenze kahle kuzona okhethweni lwangoMeyi, iKwaZulu-Natal neGauteng.
Iphini likanobhala jikelele, uNkk Nomvula Mokonyane, lithe bazokwenza izinguquko kuzo zombili izifundazwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kade kuqhubeka kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu.
I-ANC ayizange yenze kahle KwaZulu-Natal, ngoba yaba iqembu lesithathu ngobukhulu, isuka ekuphatheni isifundazwe.
Kanjalo naseGauteng i-ANC yahluleka ukunqoba ngamalengiso njengoba isiphethe ngokubambisana namaqembu amancane.
IKwaZulu-Natal neGauteng yizona zifundazwe ezinabantu abaningi abavotayo.
UNkk Mokonyane uthe i-ANC izimisele ukubuya ngamandla kulezi zifundazwe okhethweni olulandelayo kepha akangacacisa ukuthi yiziphi izinguquko abazozenza ukuphumelelisa lezi zifiso.
“Umhlangano wesigungu esiphezulu awukapheli, sisayixoxa leyo. Ngicabanga ukuthi into ebalulekile kulezi zifundazwe ukuthi siye koxhumana namalungu eqembu. Amalungu eqembu kufanele aqeqeshwe, ukuze ezokwazi ukukhankasela ukhetho.”
UNkk Mokonyane uthe ukuvela kweqembu eliholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, iMK, kubadalele izinkinga eziningi.
UNkk Mokonyane uthe ukuvela kweMK akulimazanga i-ANC kuphela, wathi wonke amaqembu ezepolitiki kufanele azibuze, aziphendule ukuthi kwenziwe yini ukuthi iMK iphundle amavoti awo.
“Kunale nkolelo yokuthi iMK yathatha amavoti e-ANC kuphela. Iqiniso ukuthi iMK yathatha amavoti amaqembu amaningi ehlukene. Bashanela ngisho lapha kwaMai Mai. Kufanele sizibuze ukuthi ngabe yini lena eyenza ukuthi abantu abahlala ehostela iDenver, bevotele iMK. Baliyeka leli qembu abebehlezi belivotela, okungeyona i-ANC.
“Kufanele sizibuze ukuthi yimuphi lo myalezo obushumayelwa yiMK owenze ukuthi abantu bashiye amaqembu abebewavotela. Mhlawumbe kufanele sizibuze ukuthi ngabe ngempela abantu baseNingizimu Afrika bavota ngobuhlanga? Ngabe abantu bavotela umuntu wangakubo?”
Inhloko yezokhetho kwi-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli, ithe enye yezinto ebashayisile okhethweni ukuqhelelana kwabaholi be-ANC nabantu.
“Into esiyiqaphelile ukuthi baya ngokuncipha abaholi be-ANC abayizishoshovu zemiphakathi. Yebo, sinabo ubuholi kuzo zonke izindawo kodwa abaholi abasondelene nabantu abasabonakali. Kufanele abaholi besondelane nabantu.”
UNtuli uphinde wakhala ngokuthi kuyiwe okhethweni abantu abaningi beyidinelwe i-ANC ngenxa yokucishwa kukagesi kanye nokungahanjiswa kwezidingo.
Umhlangano wesigungu esiphezulu uzothatha izinsuku eziyisithupha, uzoze uphothulwe ngesonto elizayo.