I-ANC ichitha eyokuthi ishela iMK ukuba ijoyine uhulumeni wokubambisana bese kukhishwa i-DA.
I-ANC ithe kungamampunge ukuthi ihlela ukukhipha i-DA kuhulumeni wokubambisana.
Ikusho lokhu emva kokuputshuka kwenkulumo eqoshiwe yomholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, lapho eveza ukuthi abe-ANC bafuna ukuthi iMK ibe ingxenye yohulumeni wokubambisana ophethe kuzwelonke naKwaZulu-Natal.
Kule nkulumo eqoshiwe, uZuma uzwakala ethi ulindele ukufika kwabaholi be-ANC abazomnxenxa ukuba avume ukuba yingxenye yohulumeni wokubambisana.
Le nkulumo kukholakala ukuthi uZuma uyenze ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wesigungu esiphezulu seMK.
UZuma uzwakala ethi abe-ANC bafuna ukuthi izwe liphathwe amaqembu amathathu.
Uqhubeka athi ngeke avume ukuba yingxenye yohulumeni wokubambisana.
"Ababoni ukuthi leli iqhinga lezitha lokuqedela i-ANC. Abantu bayakhohlwa ukuthi mhla sivula iqembu elisha sathi silivuliswe ukuthi i-ANC isishintshile. Manje ke abantu kufanele basibuke kanjani thina uma sesiphinda futhi sesixoxa ne-ANC?"
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe abakaze bakhulume neMK ngodaba lokuthi ijoyine uhulumeni wokubambisana.
"Besingakayiqinisekise le nkulumo eqoshiwe ukuthi ngabe ngempela uye yini uZuma lo okhuluma lapha. Uma kuwuye ngempela okhuluma lapha, sithanda ukuchitha lokhu akushoyo njengoba kungamanga futhi kudukisa abantu.
"Asikaze nangelilodwa ilanga sikhulume nabantu beMK ngodaba lokuthi bajoyine uhulumeni wokubambisana. Uma sinezingxoxo ngodaba lukahulumeni wokubambisana siyaye sibabikele abantu."
Kuke kwakhona amalungu e-ANC ahlaba ikhwelo lokuba i-DA ikhishwe kuhulumeni wokubambisana emva kokuba ingazange ikuvotele ukuphasiswa kwesabelomali ePhalamende.
Kepha uNkk Bhengu-Motsiri uthe kalikho iqembu abahlela ukulikhipha kuhulumeni wokubambisana.
"Amampunge nje lawa adala ukudideka okungenasidingo. Kubi ukuthi la mahlebezi abhebhethekiswa umuntu owake waphatha isikhundla esikhulu kangaka ezweni. Sinxusa abantu ukuba babeke phansi amaphaphu, bangalaleli noma yini."
Uthe: "Thina siyi-ANC sibheke kakhulu ukuqhubeka nomsebenzi wokuhambisa izidingo kubantu. Angeke sizikhathaze kakhulu ngokuqophisana nabantu abazicabangela bona bodwa. Sizimisele ukudala amathuba emisebenzi, silwe nobubha siphinde senze ukuthi bonke abantu bahlomule emnothweni wakuleli."
I-MK, eyiqembu lesithathu ngobukhulu kuzwelonke, yasala ngaphandle ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana.
Yaphinde yasala ngaphandle nangesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana esifundazweni eyathola amavoti amaningi kuso, iKwaZulu-Natal.
Leli qembu linezihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.