I-ACTION SA ithi uhulumeni waKwaZulu-Natal kufanele uzinuke amakhwapha ngezinkinga zebhange Ithala ngoba ezinye zidalwe yiwo.
UMnuz Alan Beesley osekomitini lezezimali ePhalamende, uthe njengoba iPrudential Authority (PA) okuyisikhungo se-South African Reserve Bank esiqaphe ukusebenza kwamabhange, ikhala ngokuncipha kwemali eThala kufanele kubhekwe uhulumeni waKwaZulu-Natal ngoba yiwona owanciphisa isabelomali seThala usisusa ku-R65 million wasibeka ku-R51 million ngonyaka.
Uthe inzuzo engena nayo iye yehla ngo-R90 million kule minyaka emithathu edlule.
“Sikhathazekile ngesimo sebhange Ithala ngoba akufanele liwe njengoba liyisikhungo esisiza abantu abampofu. Libabulekile njengesikhungo esibhekelele imiphakathi enganakiwe. Kufanele uhulumeni waKwaZulu-Natal nawo uzinuke amakhwapha ngoba ngesikhathi unciphisa imali oyinika Ithala uye wandisa izinkinga zaleli bhange,” kusho uBeesley.
Uthe kufanele kulungiswe ubudlelwano beThala nezikhungo ezilishayela umthetho okuyi-Financial Sector Conduct Authority (FSCA) ne-Prudential Authority.
“Ukungahambi kahle kobudlelwano phakathi kweThala nezikhungo ezilishayela umthetho kwenza kungasebenzeki kahle. Kwenza isimo singahambi kahle njengoba lingakwazi ukuthola amakhasimende amasha. Siyavuma, kufanele lilandele umthetho kodwa asikhumbule ukuthi baningi abathembele kulona. Amacala aqhubeka ezinkantolo nawo aqeda imali yeThala.”
Uthe kufanele zonke izinhlaka ezithintekayo zisebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi Ithala alishabalali ngoba libalulekile kubantu basemakhaya abangenawo amanye amabhange eduze.
“Sizokhuluma nazo zonke izinhlaka ezifanele ukuze zingenelele ekuhlengeni ibhange Ithala. Okwethu wukuvikela abantu abalondoloza imali yabo eThala, asifuni ukuthi kube nesimo seVBS.”
Usihlalo wekomiti lezimali ePhalamende, uDkt Joe Maswanganyi, uthe bazosiqapha ngeso lokhozi isimo saseThala ukuze lizobuyelwa yilayisensi esamisiwe. UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers nowezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo uMfu Musa Zondi, bathembise ukuthi bazolilekelela Ithala ezinkingeni elibhekene nazo.