UPHIKO lwezokushushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA), lumile ekutheni uSomlomo wePhalamende osahlabe ikhefu uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ekugcineni kumele avele njengawo wonke umuntu enkantolo ngoba umthetho awunasikhundla.
Ummeli weNPA u-Advocate Makhosi Gwala, uthe abakwazi ukuthi banganqunyelwa ngumsolwa ngendlela okumele benze ngayo izinto.
Uthe uma bengase bavumele ukuthi umuntu ongumsolwa abatshele ukuthi ufuna ukuvela nini enkantolo, kusho ukuthi umthetho uyothathwa njengento engekho.
Uveze ibanga abalihambile bezama ukunxenxa uNkk Mapisa-Nqakula ukuthi avele enkantolo ngezinsolo zenkohlakalo.
“Saqala ukuxhumana naye ngoMashi 8, simazisa ukuthi sekuphume isinqumo sokuthi ashushiswe.
“Asikaze simsabise ngokumbopha, okunalokho samnxusa ukuthi azinikele yena emaphoyiseni ehamba nabameli bakhe. Iyona ndlela elandelwayo le ngokomthetho,” kusho u-Advocate Gwala.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi kudingidwa amaphuzu enkantolo enkulu ePitoli ngesicelo esiphuthumayo asifakile esivimba ukuthi aboshwe.
UGwala uthe ukushushiswa kukaNkk Mapisa-Nqakula, akuphambene nomthetho.
“Asikwazi ukuthi singavumela umsolwa ukuthi asitshele indlela okumele ashushiswe ngayo. Umthetho awazi sikhundla, wonke umuntu uyalingana ngaphambi kwawo.”
Uveze nokuthi akuphuthumi ukuthi umsolwa angathola idokodo ngaphambi kokubekwa amacala ngokusemthethweni.
UGwala uthe imigomo yeNPA ayikwazi ukuthi ingancika esikhundleni somuntu ongumsolwa.
UNkk Mapisa-Nqakula usolwa ngokwamukela intshontsho komunye wosonkontileka owayethola amathenda eMnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esanguNgqongqoshe wawo.
Kuthiwa wamukela imali engukheshi ebalelwa ngaphezu kukaR2 million, izikhawu ezahlukene. Okunye okuthiwa wagwazelwa ngakho i-wigi kanjalo nezinye izinto. Ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo efinyelela kuR4 million, okufaka nelokushushumbisa imali.
Ummeli kaNkk Mapisa-Nqakula u-Advocate Reg Willis SC, uthe kwakungekho emthethweni ukuseshwa komuzi kaSomlomo ngeledlule ngoba nommeli wakhe wayengekho.
Uthe uNkk Mapisa-Nqakula unamalungelo njengawo wonke umuntu wathi kodwa yena uyahlonishwa uma eqhathanisa nabanye abantu.
“Sifake amaphepha enkantolo ngoba sifuna ukuvimba ukuboshwa kwakhe, kuze kuphume isinqumo kanjalo nokuthi anikwe idokodo,” kusho uWilllis .
Usole umbuso ngokuputshuza izitatimende zofakazi okwenze uNkk Mapisa-Nqakula waba ngumsolwa.
Unxuse ijaji ukuthi uma libachitha esicelweni sabo kodwa libanike isivikelo sokuthi angaboshwa uNkk Mapisa-Nqakula kuze kukhishwe isinqumo.
Ijaji Sulet Potterill lisigodlile isinqumo kuleli cala, lizoze lisikhiphe ngoLwesibili oluzayo. Livumile ukuthi uNkk Mapisa-Nqakula angaboshwa kuze kukhishwe lesi sinqumo.