OSOMABHIZINISI abancane baseMlaza babanjwe inkuzi bephucwa imoto kungakapheli nenyanga bexhaswe ngayo.
UMnuz Mbonisi Gumede noSiyanda Shabane abangabanikazi bebhikawozi eliseMlaza, iSG Bakery, ngoLwesithathu babanjwe inkunzi baphucwa imoto eyiveni abathutha ngayo amaselula nemali.
Izigulamkhuba zibalandele bephuma esitolo ebebethuthela kuso izinkwa namakhekhe kwaF eMlaza, zabadubula bekwisinciphisajubane, kwadubuleka uGumede obeshayela.
Elandisa leli phephandaba ngokwenzekile, uShabane uthe bese bebehambisa impahla esitolo sokugcina futhi bafike kuso sesishayile isikhathi ngoba behamba ngemoto eyodwa ngoba enye ibifile.
Siqaphele ukuthi kunabafana abathathu abesabisayo ababukeka sengathi bangamaphara ebebeseduze kwalapho sime khona. Oyedwa uzungeze imoto wabuza ukuthi size kuye yini, salandula. Kudlule omunye umfana obezidlulela, wathi asiqaphele ngoba kulaba bafana kukhona ophethe isibhamu.
“Siqede esikwenzayo sasuka sahamba kancane. Sithe uma sifika kwisinciphisajubane sezwa kuqhuma isibhamu kathathu. Mina nomunye ebesihamba naye saphume sabaleka, uGumede obeshayela wangakwazi ukubaleka ngoba besisho ngakuyena isibhamu," kuchaza uShabane.
Uthe uGumede ubanikile konke ebekufuna abahlaseli bamdubula esebaleka, wathi imoto itholakale kungakapheli nehora ilahlekile kodwa bese kukhishwe i-battery nomsakazo.
Le veni, iSG Bakery beyiyinikelwe iHollywood Foundation ngenyanga edlule.
“Ngicabanga ukuthi sifike ngesikhathi esibi, akukhona ukuthi izigebengu bezisilindile ngoba imoto ejwayele ukuthutha umkhiqizo ayifiki ngalesi sikhathi esifike ngaso, thina sifike ngabo-11 kanti le moto ejwayele ifika ekuseni kakhulu.
UMnuz Siyanda Ntenga oyingxenye yosomabhizinisi abangaphansi kweHollywood Foundation, ongumnikazi wenkampani iSplash Out Pty Ltd, uthe uphoxeke kakhulu ngalesi senzo.
"Sihlale sikhuthaza ukuthi abantu abenze amabhizinisi lapho behlala khona ukuze kuthuthuke umnotho wakhona. Uma sekwenzeka izinto ezinjengalezi siyadumala ngoba abanikazi beSG Bakery babanjwe inkunzi ekhaya. Siyawunxusa umphakathi ukuthi uzifundise ukumpimpa uma kunabantu abangalungile ngoba usuke ubazi," kusho uNtenga.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.