BEZIDLA lubi izigameko zobugebengu nokubanjwa kwenkunzi ezikoleni KwaZulu-Natal, ezibikwe kulo nyaka.
Izikole bezithathwa njengezindawo ezingenabo ubungozi obungako bokuhlasela kwezigebengu kodwa muva nje, othisha sebefundisa bejeqeza kwezinye izikole ikakhulu ezindaweni ezidume ngokusetshenziswa kwezidakamizwa.
Ngenyanga edlule, kuthiwa imigulukudu ebizenza abazali abebezofunela izingane izikhala zokufunda ngonyaka ozayo, ingene esikoleni i-Lingelihle Primary eHluthankungu, eHighflats, yakhomba othisha ngezibhamu yabaphoqa ukuthi bakhiphe amaselula, ubucwebe yaphinda yathatha amakhompyutha esikole emini kabha kuqhubeka ukufunda.
Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa asaphansi phezulu athungatha abasolwa okuthiwa babamba inkunzi othisha ababili ababanjwa bengena esikoleni abafundisa kusona eBrooklyn Heights esiseChartsworth, esigamekweni esenzeke ngo-Agasti. Kuthiwa bakhonjwa ngesibhamu kwathathwa imali namaselula othisha ngaphambi kokuthi abasolwa babaleke ngezinyawo.
Abazali bezingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi iVezokuhle esiseMgungundlovu, kudingeke babhikishe bavale umgwaqo odlula ngakusona ngamathayi avuthayo, bekhala ngezigameko zobugebengu, okuthiwa zenzeka ngaphakathi esikoleni okusolwa izigebengu imvamisa ezisuke ziqhamuka ngaphandle.
NgoMeyi walo nyaka, amalungu omphakathi atitinye kanzima abasolwa, emva kokuthi kuthiwa bangene esikoleni iThornwood Secondary, esiseMariannhill, kuqhubeka ukufunda bakhomba abafundi ngamathoyizi ezibhamu bezama ukubaphuca amaselula. Ngesikhathi abanye abafundi bememeza, amalungu omphakathi aphume abajaha abatitinya emva kokubonakala ukuthi izibhamu abebezama ukubamba ngazo inkunzi akuzona ezangempela.
Kwaphoqeleka ukuthi kungaqali ukufunda ngesikhathi esifanele kuvulwa izikole emva kwamaholidi ePhasika esikoleni iSizwesonke High esiseNkandla, njengoba kuthiwa abanye othisha babesaba ukuya esikoleni emva kokuthi kutholakale izinhlamvu zesibhamu zibekwe etafuleni egumbini okuhlanganela khona othisha, kunombhalo oxwayisa ngokuthi othisha abangasibona abendawo abasadingeki ngakho abashenxe badedele abendawo abahleli emakhaya abangaqashiwe.
NgoMashi, kuboshwe abasolwa abathathu abavele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, ngecala lokubamba inkunzi othisha esigamekweni esenzeke eTholulwazi High, eMariannhill.
Ekuqaleni konyaka, kungene abasolwa ababili bakhomba othisha esikoleni samabanga aphansi Insizwakazi esisendaweni yaKwaMbhedula, eMariannhill, bakhomba othisha ngezibhamu babaphuca amaselula, imali nama-laptop. Uthishomkhulu wasesikoleni Indonsa High esiseNewcastle, ekuqaleni konyaka usinde kukubi edutshulwa ngaphakathi emagcekeni esikole, ekuseni kungakaqali nokufunda waphuma engenamyocu.
Uthisha waseSandakahle Primary eMlaza, waphuthunyiswa emtholampilo elimele emva kokuhlaselwa abasolwa ababili engena nje emasangweni esikole okuthiwa babezama ukuduna imoto yakhe, kwasiza ukumemeza kwabafundi kwaphuma amalungu omphakathi abajaha.
Ezinye okubikwe ukuthi zibenenkinga efanayo iNtshanga Primary, Sithumba Primary, Ndlulamithi High, Ubhedu Primary naseNazareth Primary zonke ezingaphansi kwesifunda i-Pinetown
Izinyunyana zothisha zisola uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokungaqini kwezokuphepha ezikoleni ezikubheka njengembangela yokuthi izikole ziphenduke izindawo lapho izigebengu zinzela khona umathanda.
Ngaphandle kobugebengu obenzeka ezikoleni kuqhubeka ukufundisa, zikhona nezigameko ezibikiwe zokucekelwa phansi nokwebiwa kwempahla yezikole ikakhulu ngezikhathi zamaholidi okuphela konyaka.
Ngeledlule, umnyango ukhiphe isekhula eyalela othishomkhulu, izikhulu zawo ezingeni lezifunda nakumasekethe nezigungu ezengamele ukuphathwa kwezikole ukuthi bahlele imihlangano nezinhlaka zezokuphepha emphakathini, umphakathi uqobo, amaphoyisa nazo zonke izinhlaka. Umnyango uthe lokhu kuqinisekisa ukuthi kubhekisiswa izindlela okungasetshenziswana ngazo ukugwema ukucekelwa phansi nokukwebiwa kwempahla yezikole njengoba kungamaholidi okuphela konyaka.
Ngaphandle kwezigameko zobugebengu ezikoleni zakulesi sifundazwe, uMnyango wezeMfundo ugxekwe kakhulu ngethenda yokuphakelwa izikole ezevile ku-6000 ka-R2.1 billion eyanikezwe inkampani i-Pacina Retail, okukholakala ukuthi ihluleke yancama ukwenza umsebenzi. Zivulwe izikole abafundi bedonsa kanzima, ukudla kungafiki ezikoleni, okuthe ngoMashi kwaqala kwanezikhalo ngalolu hlelo njengoba lwase lunikezwe inkampani eyodwa ukuthengela izikole, okuthe ngo-Ephreli kwagqabuka igoda phakathi kwayo nomnyango okuphoqe ukuthi ibuyele ohlelweni lwayo oludala lokuthi izikole ziphakelwe osomabhizinisi abahlukene abakhelene nazo, abanikezwe isivumelwano seminyaka emithathu, njengoba uhulumeni esabuyekeza ukuthi uzobuyela kanjani ohlelweni olwehlule inkampani kaMnuz Manzini Zungu.