UMNYANGO weMfundo ePhakeme, iSayensi nokuQeqesha usunxuse izitshudeni zasemakolishi, ezifuna ukuhlanganisa amamaki ukuze zithole izitifiketi zazo, ukuthi zixhumane namakolishi ezifunda kuwona ukuze zisizakale.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Blade Nzimande, ephendula umbuzo welungu le-EFF ePhalamende, uMnuz Vuyani Pambo, obuze ngezitshudeni ezingakazitholi izitifiketi zazo kula makolishi.
UPambo uthe kuke kwaba nesikhalo ngokusilela emuva kwamakolishi ukukhiphela izitshudeni izitifiketi zazo.
Lezi zitifiketi bezingafinyeleli kwizitshudeni ngesikhathi obekwenza ukuthi zilinde umlibe zingazi ukuthi kubambephi.
UNzimande uthe ngolwazi abalutholile, azikho izitifiketi ezingafikile kwizitshudeni, wathi lezo ezihlanganisa amamaki kumele zixhumane nezikhungo ukuze zisizakale.
UNzimande ubalule nokuthi kusuka kuJanuwari kuya kuJuni nonyaka, kwiBusiness Studies bakhiphe izitifiketi ezingu-571 230 zabenza uN4 noN6 kulesi sifundo.
“Laba babhalele ezikhungweni ezingu-192 kuwona wonke amakolishi angu-50. Kwi-Engineering sikhiphe izitifiketi ezingu-142 606 kulabo ababhale uN1, N2, N4 noN6.”
Kwabenza uNC(V), uthe ngoSepthemba nonyaka bakhiphe izitifiketi ezingu-149 874 kwizitshudeni ezingu-170 300 ezibhalile.
“Abazitholile abaphase zonke izifundo eziyisikhombisa. Labo abasele abangazange baziphase zonke lezi zifundo eziyisikhombisa kanjalo nalabo abafeyilile. Abanye babelovile ngesikhathi kubhalwa kanti azikho izinto abakhishelwa zona ngaphandle kokuthi Umalusi kumele ubanike inombolo ethile izitshudeni ezizoyisebenzisa uma seziphinde zabhala kabusha zonke izifundo kulezo ezizifeyilile noma ezazingekho zibhalwa.”
Uthe kumaDiploma kukhishwe angu-34 588, wathi sincane isibalo sobekufanele bathole lezi ziqu zeminyaka emithathu.
Ubalule nokuthi lezi ziqu bezidinga ukuthi isitshudeni senze iBusiness Studies izinyanga ezingu-18, ezingu-12 ze-Engineering kuphinde kube nezinye izinyanga ezingu-18 noma amahora angu-2 000 okuthi uqeqeshelwe lesi sifundo.
Uveze nokuthi bathumela zonke izitifiketi neziqu emakolishi ukuze azidlulisele kwizitshudeni.
Lezi ziqu zifakwa ohlelweni lwezivivinyo lomnyango kube nenombolo yokuthi bakwazi ukuthola ukuthi sezifikile yini ezikhungweni.
“Kuwumsebenzi wamakolishi ukuthi azise izitshudeni uma sezifikile izitifiketi neziqu.”