BAZOKHOKHA imali ethe xaxa abathola ugesi kwa-Eskom njengoba unyuke ngo-18.65 % kule nyanga.
Abazokhokha u-18.65% yizimboni namanye amakhasimende ale nkampani amakhulu.
Abanikazi bemizi abathola ugesi kwa-Eskom owabo uzonyuka ngo-10%.
Kulindeleke ukuthi ugesi odayiselwa omasipala wona unyuke ngo-18.40%.
Omasipala bazonquma ngoJulayi ukuthi bazowunyusa ngamalini ugesi abawudayisela izakhamizi nabanye abathenga kubona.
Isazi sezindaba zikagesi uMnuz Chris Yelland, sithe ukunyuka kwawo ngo-18.65% kuzokwenza umehluko ezimalini ezingena kwa-Eskom, kodwa ngeke kube nomehluko ekunqamukeni kukagesi uma kuwukuthi akulungiswa izinkinga ezikhungethe le nkampani.
“Ukunyusa ugesi ngo-18.65% kufanele kuhambisane nokuletha ushintsho ezinkingeni ezikhungethe i-Eskom. Kufanele kulungiswe ingqalasizinda endala, kuliwe nenkohlakalo nezinye izithiyo eziholela ekutheni ugesi unqamuke umlibe.
“Kuzoba nzima kubantu abajwayelekile ngoba uma ugesi umba eqolo nezinkampani ezakha imikhiqizo ethile zidlulisela izindleko kubathengi,” kuchaza uYelland.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Eskom yayifake isicelo sokuthi intengo kagesi inyuswe ngo-32% kodwa emuva kwezikhalo zosomabhizinisi, umphakathi nezinye izinhlaka iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), yanquma ukuwunyusa ngo-18.65%.
Yize nale mali ibakhalisa abaningi kodwa iNersa izithethelela ngokuthi izamile ukuvikela umphakathi.
Khonamanjalo amaqembu epolitiki asigxekile isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana sokuthi i-Eskom ingasilandeli isigaba 55 (2)b sePublic Management Finance iminyaka emibili. Lokhu kusho ukuthi i-Eskom ngeke ibikele umphakathi ngemali eyimoshile.
I-EFF ithe uGodongwana akasicabangisisanga kahle isinqumo sokuthi i-Eskom ingavezi imali emoshiwe futhi izobhalela usihlalo wekomiti elibhekelele izimali zomphakathi ukuze alusukumele.
UDkt Dion George we-DA uthe isinqumo sikaGodongwana sigqugquzela inkohlakalo ngoba kubuye kuthengwe ama-mop ngoR200 000 kwa-Eskom, ngakho-ke uma kuthiwa akungavezwa eminye imininingwane yemali esebenzile, kuningi okuzomosheka.
Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukulwa nalesi sinqumo esifihlela umphakathi okwenzekayo.