KUBHIMBE uhlelo kwabesilisa abayisihlanu okukholakala ukuthi bebeyobulala usomabhizinisi nonogada bakhe, ngenkathi bezithela olakeni lwamaphoyisa, badudubulana ngenhlamvu kwasala abane enkundleni, oyedwa walimala, esigamekweni esenzeke emgwaqeni uMoses Kotane, eSydenham, eThekwini ngoLwesithathu emini.
Kuthiwa amaphoyisa abevele elandela umkhondo wabasolwa ngenxa yamacala abucayi okubalwa kuwo awokubulala nawokubamba inkunzi. Emuva kokuthola ukuthi kukhona abaphezu kwakho amaphoyisa ahlale ezithendeni zabo. Abasolwa kuthiwa babe wukubona amaphoyisa bavele bavulela ngenhlamvu babhekisa emaphoyiseni abezama ukubamisa.
Kube sekudubuleka abanye bashonela emotweni, kwalimala oyedwa okuthiwa uzame ukubaleka.
Ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni yesigameko, umsolwa osindile ubehleli phansi ebhandishe emlenzeni egadwe ngamaphoyisa. Ubebonakala elokhu eqalaza. Ubegqoke isikibha esimpunga nesikhindi esimnyama namateku. Amaphoyisa abala ukhasha uma kusondelwa kuye.
Bese kugcwele abantu, kuvalwe nomgwaqo, bebodwa abebebabaza okwenzekile, abanye bekhomba ngalapho obekukhona imoto ebinabasolwa ababulewe.
Imoto yabo encane yohlobo lwe-KIA, ibifahlake yaphela iwindi langemuva, kubonakala sengathi izinhlamvu eziningi zamaphoyisa beziqhamuka ngemuva.
Oyedwa wabasolwa, obesesihlalweni somshayeli, ubelengela ngaphandle ngekhanda, enoxhaxha lwamanxeba okudutshulwa entanyeni, negazi ligcwele entanyeni. Imoto ibime eceleni komgwaqo ishayise udonga lomuzi.
Omunye umsolwa ubelele esihlalweni esingaphambili eceleni komshayeli, nangemuva kukhona ababili.
Kuvela ukuthi laba bebeyizinkabi ebezibhilitile ekubulaleni osomabhizinisi emkhakheni wezokwakha nabantu abasemkhakheni wokuqapha.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekise ukuthi bese kuyisikhathi eside amaphoyisa ebafunela amacala okubulala nokubamba inkunzi.
“Kuthe amaphoyisa ezwa ngabo izolo aphuthuma ukubavimba, abelamela kule ndawo. Kuthe ezama ukubamisa, bala ukulalela umthetho. Badubule kuqala bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa aphendule ngenhlamvu kwadubuleka abane bafa, oyedwa walimala,” usho kanje.
“Lo msolwa ozame ukubaleka utholwe nesibhamu esincane. Emotweni kutholakale izibhamu esilobe singakatholi ukuthi bezingaki. Kuvele ukuthi esinye sezibhamu abebesisebenzisa bekungesamaphoyisa,” kusho uNetshiunda.