ABASOLWA abathathu ababedune imoto ebilayishe impahla yasendlini ngoLwesibili, mhla ka-19 basale enkundleni ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eMariannhill ngoLwesithathu ebusuku, mhla ka-20.
NgoLwesibili ntambama, umshayeli wemoto udunwe imoto yakhe yokuthutha iHyundai H1 ilayishe izinto zasendlini zenani lemali engadalulwanga ku-Intake Road, eMariannhill. Uphiko lwezobunhloli lwamaphoyisa lulandele umkhondo wemoto ebiduniwe lwaze lwafika ehostela iKlaarwater, eMariannhill, kanti imininingwane ikhomba ukuthi abasolwa bebelayisha impahla ebiduniwe evenini.
Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo abone iveni ehlonziwe akhombisa umshayeli ukuthi akame, nokho umshayeli wakhetha ukungayinaki imiyalelo yamaphoyisa wabe esesuka ngesivinini amaphoyisa amjaha.
“Ngesikhathi ijahana ngesivinini esiphezulu, abasolwa baqale badubula bebhekise emaphoyiseni kwase kuba nokudubulana. Imoto yomsolwa yama ekhoneni likaHenry Penington noNdwandwe Street eKlaarwater, eMariannhill. Kufe abasolwa abathathu abatholwe benamanxeba okudutshulwa ngesikhathi sokudubula kanti batholakale nezibhamu ezimbili, kanye nezinhlamvu eziningi, Kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Ngaphandle kwemoto yamaphoyisa ebinezimbobo zezinhlamvu kwibhonethi, alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi kudutshulwana.