AYAYICHITHA amaphoyisa imibiko yokuthi ukushiswa kwamaloli kwakamumva kwenziwa abe-All Truck Drivers Forum and Allied SA (ATDFSA) bebambisene nabe-Operation Dudula.
Lezi zinhlangano zombili zike zaba sematheni ngokulwa nokuqashwa kwabokufika embonini yezokuThutha kuleli.
Imithombo yabezindaba ibike ngokuputshuka kombiko wezobunhloli oveza ukuthi lezi zinhlangano zombili yizo ezikhonjwa ngenjumbane ngokushiswa kwamaloli angu-21 eMpumalanga, KwaZulu-Natal naseLimpopo.
Ekhuluma nesiteshi sezindaba sethelevishini esikhokhelwayo oyiSekela likaKhomishana wamaphoyisa okunguyena ophethe ezokulwa nobugebengu, uLieutenant General Shadrack Sibiya, uthe le mibiko ekhomba ngenjumbane izinhlangano ezithize isuselwa emqulwini odukisa abantu.
“Lona umqulu oputshukile oqhelelene neqiniso yingakho siwuchitha. Siyabazi abantu ababandakanyekayo ngakho lo mqulu udukisa abantu,” kusho uLt Gen Sibiya.
Uthe angakusho ukuthi kulaba asebeboshiwe akukho noyedwa ongaphansi kwenhlangano iDudula.
“Uphenyo lwethu luveza ukuthi laba ngabasebenzi abasebenza embonini yamaloli abangeneme ngokuthi abaqashi babo baqasha abantu bokufika.Sithole ukuthi uma bethi bazama ukuludingida udaba lwamaholo angcono sebeyamiswa, abaqashi baqashe abokufika,’’ kusho uSibiya.
Ngempelasonto amaphoyisa athe kuphinde kwaboshwa abanye ababili abayamaniswa nokushiswa kwamaloli ngokusho kukaBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisaa kuzwelonke.
Uthe bobahlanu abasolwa baboshwe eMpumalanga kanti ukuthungathwa kwabanye abasolwa kusaqhubeka.
Ngesonto eledlule uMengameli Cyril Ramaphosa uxwayise ngokuthi amaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho bazobabamba abagila lo mkhuba.
Uthe ngeke baze bavumele abantu abathile baphazamise umnotho wezwe.