ASHESHE akhalelwa amasongo kaSigonyela amadoda amane asolwa ngokuqhumisa imishini yemali eKatlehong naseThokoza.
Ithimba labaseshi elisuka ezinhlakeni ezahlukene zezomthetho lisebenze ngokuzikhandla kula masonto amabili adlule lithungatha abasolwa ngokuqhumisa imishini yemali.
Uphenyo lubonise inqubekela phambili ngesikhathi kuboshwa abasolwa ababili ngoLwesine, kwathi owesithathu owadubuleka wakwazi ukubaleka. Lo msolwa olimalile uboshwe ehamba nomunye ngempelasonto ngesikhathi efuna usizo lwezempilo.
Laba basolwa batholwe nemali eno-ink neziqhumane nezibhamu.
“Kukho konke lokhu kutholakale izibhamu okukhona kuzo ne-shot gun ehlolwe kwatholaka ukuthi ike yasetshenziswa kobunye ubugebengu,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Abasolwa abathathu bazovela phambi kweMantshi yasePalm Ridge ngoMsombuluko, ngamacala okuqhumisa imishini yemali nokutholakala nezibhamu neziqhumane, umsolwa wesine usasesibhedlela lapho egadwe khona amaphoyisa.