IZINHLANGANO zentsha zithi azifuni kubambezeleke ukukhokhwa kwemihlomulo yezitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme njengoba kuzonqanyulwa izinkotileka zezinkampani ebezikhokha imihlomulo yakwaNSFAS.
Lezi zinhlagano zisamukele isinqumo sebhodi leNSFAS sokuphuca umsebenzi izinkampani ebezenza lo msebenzi, emuva kokungenelela kwesikhulu esiphezulu seNSFAS uMnuz Angile Nongogo, ngesikhathi ezinika umsebenzi.
Umengameli weSasco, uMnuz Vezinhlanhla Simelane, uthe bajabule ngokuthi ikhwelo labo abebelibhekise emnyangweni wemfundo ephakeme neNSFAS ngalezi zinkampani nohlelo olusha lokukhokhwa kwemihlomulo lwamukelwe.
Uthe bebelokhu befuna ukuthi imihlomulo ingene ngqo esitshudenini, kungabi nenkampani ezodlulisa le mali.
“Sisafuna iNSFAS ikhokhele ngqo izitshudeni imihlomulo imali ingayi kwezinye izindawo ngaphambi kokukhokhwa. Kumanje izitshudeni zizilungiselela izivivinyo zokuphela konyaka, ngakho isikhathi esinzima lesi esifuna ukuthi zingaphathwa wukhwantalala ngoba imali ingafikile.”
Uthe basakhala ngokuhamba kancane kohlelo lokubuyekeza izikhalo zezitshudeni.
“Seziphelile izinyanga eziyisikhombisa abanye besalinde izimpendulo njengoba bachithwa ekutheni bathole uxhaso. Abalindile bangazibona sebexoshwa lapho behlala khona, noma baxoshwe enyuvesi ngoba bengakhokhile yingakho sithi akusheshiswe uhlelo lokubheka izikhalo.”
Uthe bafuna kuphenywe nangokunyamalala kwemali kuma-akhawunti ezitshudeni.
USihlalo we-IFP Youth Brigade, uMnuz Sanele Zondo, uthe bakhathazekile ngokuhluleka kwezinkampani ezine ezithole umsebenzi wokukhokha imihlomulo yezitshudeni, ukwenza umsebenzi ngendlela.
Uhlabe ikhwelo lokuthi uNgqongqoshe woMnyango weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, asule esikhundleni sakhe.
“Ngambuza uNzimande ePhalamende ngezinsolo ezibhekiswe kwaNSFAS, wathi lesi sikhwama senza kahle kakhulu futhi nezinkinga ezikhona azikho ngendlela osekushiwo ngayo,” kusho uZondo.
Uthe uNongogo kumele athathelwe izinyathelo zomthetho njengoba ngaphansi kobuholi bakhe, izitshudeni ezibalelwa ku-80 000 zingayitholanga imihlomulo yazo.
Uthe lesi sikhwama sibaluleke kakhulu ekuhlinzekeni izitshudeni ezintulayo ngemfundo.
UMnuz Ernest Khosa, usihlalo webhodi leNSFAS, wathi babhalele uNongogo befuna abatshele ukuthi kungani kungamele anqanyulelwe inkontileka yakhe ngokungena agamanxe ezintweni ezithinta ukuqokwa kwalezi zinkampani ezikhokha imihlomulo.
UKhosa wathi bazozinqamula izinkontileka zalezi zinkampani obekunesikhalo esikhulu ezivela ezitshudenini selokhu zaqala ukwenza lo msebenzi.