KUSUKE umlilo kazokhele amaqembu ezepolitiki efuna ukwazi ukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ufinyelele kanjani ekugixabezeni u-R70.6 million inkampani eyaphucwa ithenda yokuphakela abafundi ukudla ezikoleni zesifundazwe.
Leli langabi lokheleke ngesikhathi iNhloko yoMnyango, uMnuz Nathi Ngcobo, itshela amalungu ekomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi, iScopa, esiShayamthetho sesifundazwe ukuthi sebeyikhokhele lezi zigidigidi le nkampani okwazalela ihlokohloko ishikiliswa ukuphakela abafundi ngeviki lokuqala lale thenda eyagcina imisiwe.
La maqembu athi afuna ukwazi ukuthi zingaki izinsuku iPacina Retail, eyasabalalisa ngazo ukudla, nohlu lwezikole ezathola ukudla njengoba ezikoleni eziningi ukudla kungafikanga.
UNgcobo uthe bebesebenzisana noMnyango kaMgcinimafa ukuqinisekisa ukuthi bakhokha imali efanele ngokomsebenzi owenziwa yinkampani wokuhambisa ukudla. Uthe seluphothuliwe nocwaningo abebesalwenza ezifundeni ezimbili, beqinisekisa ukudla okwahanjiswa.
“Sikhokhe u-R70.6 million ngomsebenzi owenziwa yile nkampani ngo-Ephreli, wokuhlinzeka izikole ngokudla. Cishe kulezi zifunda ezimbili ezisele sizokhokha imali engeke yedlule ku-R10 million, ngoba sesiluphothulile ucwaningo ebesilwenza.
Sayalela izikole ukuthi zisibikele uma kufike ukudla okungaphelele nokwafika kungekho esimweni esihle ngoba besifuna ukukhokhela into eyafika, esesimweni esihle njengoba kwakunesikhalo ngokuthi ezinye izitshalo zazingekho esimweni.
Sikhokhele kuphela lokhu okwakuzosebenziseka uma sekuphekwa.”
Uthe izinselelo zokungafiki kokudla zaba sezinsukwini zokuqala zokuvulwa kwezikole ngo-Ephreli. Ngaleyo mpelasonto ezinye izikole kwafika ukudla.
UMnuz Mntomuhle Khawula we-IFP, obuze uNgcobo emhlanganweni mayelana nemali esikhokhelwe le nkampani, ufune ukwazi ukuthi kufinyelelwe kanjani ekutheni kukhokhwe isamba esikhokhiwe.
Uthe basazoqhubeka bafune ukwazi ukuthi zingaki izinsuku okwaphakelwa ngazo abafundi njengoba sekukhokhwe le mali.
“Sisamile ekutheni bafinyelele kanjani kule mali. Ngeke sithule sizoqhubeka sifune izimpendulo.”
U-Dkt Imran Keeka we-DA, uchithe okushiwo nguNgcobo ukuthi abafundi abadlanga izinsuku ezintathu kuphela njengoba ezikoleni eziningi ukudla akufikanga nangemuva kwalezi zinsuku.
Ufune ukwazi ukuthi kungani inkampani eyenza inhlekelele efuze le izokhokhelwa imali ecela ngaphezu kuka-R80 million.
“Sizoqhubeka nokukufakela izibuko ukukhokhelwa kwale nkampani. Kumele ikhokhelwe ngokudla eyakuhambisa ezikoleni kwashiya abafundi abangu-2.7 million, belambile.”
Umholi we-Action SA esifundazweni, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bafuna uhlu lwezikole ezahanjiselwa ukudla nokuthi kungakanani okwafika ukuze bakholwe wokushiwo nguMnyango.
Uthe bafuna ukwazi nokuthi zingaki izinsuku le nkampani eyanikeza ngazo ukudla izikole njengoba yathi iyahoxa enkontilekeni enayo noMnyango, kwafakwa osonkontileka abasha abaphakela abafundi.
“Sifuna uMnyango lo mbiko uwudedelele umphakathi, ukuze kube lula ukuthola iqiniso ezikoleni okuthiwa zathola ukudla. Siyababaza ukuthi kukhokhwe imali engaka enkampanini eyahoxa umsebenzi yangaqhubeka nawo.”
Umengameli we-Natu, uMnuz Sibusiso Malinga, usole inkohlakalo ekukhokhelweni kwenkampani. Uthe kuyacaca ukuthi itulo elalakhiwe lokuthi kuhlomule abathile lifezekile.
“Inqwaba yezikole ukudla okungafikanga. Sisola inkohlakalo ngoba akukwazi ukuthi kungakhokhwa imali engaka, ekubeni kwaba nezinkinga ezingaka.”