BEZISHIYANA ngomshefezo wemvunulo nomswenko izolo ngosuku lokuqala lomcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu.
Bekuwusuku lokuqala lokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sethule inkulumo yaso yokuqala esiShayamthetho, selokhu sangena esihlalweni.
Umcimbi wayizolo uyisendlalelo sowanamuhla lapho kuzokhuluma uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube. Izolo uNdunankulu ubeswenke ngokwesintu efake inhloko, wethule amazwi okubonga emuva kokuthi kukhulume iSilo.
Amalungu esiShayamthetho nezimenywa ezehlukene bezendlalelwe ukhaphethi obomvu, zihamba kuwona zibukisa ngengqephu. Isilo ebesibhekiwe sifike sishaye isudi sase sihenqa ibhande elinqamula emzimbeni elingajwayelekile ukulifaka. UNdlunkulu waso ukaMayisela ubedlubhe ingubo ende ehusha phansi, enobucwebecwebe ebonakala eyiphakamisa egwema ukuyigxoba.
Kuqhamuke nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, ezifakele isudi wemukelwa yiPhini likaSomlomo wesiShayamthetho uMnuz Themba Mthembu. UNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko nezemiDlalo uNkk Amanda Bani, ubeswenke ngengubo eveza amahlombe. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk Bongi Sithole - Moloi, ubonakale kukhaphethi obomvu eswenke econsa.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi nezokuvakasha onguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ubevunule. UDuma ubevule yaphelela waze waphatha nelikhulu ihawu leli. UNobhala we-ANC KwaZulu- Natal, uMnuz Bheki Mtolo, ufike evunule econsa.
Abaholi be-IFP abasalanga ngaphandle uMnuz Velenkosini Hlabisa onguMengameli wayo, noMnuz Blessed Gwala uSihlalo kazwelonke oyilungu lesiShayamthetho bebevunule.