IZITSHUDENI zaseMfolozi TVET College, eSikhawini zivuke umbhejazane izolo zavala lesi sikhungo zinengwa ukunqanyulwa kukagesi namanzi osekuphele amaviki amabili.
Zithe sezibolelwe ukudla okuningi ezgcina sezikulahla ngenxa yale nkinga. Bathe okubenze bathatha isinqumo sokubhikisha wukuthi abaphathi besikhungo babashaya indiva uma beletha izikhalo zabo.
UBandile Langa obambe okwesikhashana esikhundleni sesigungu esimele abafundi (SRC) ekhuluma neSolezwe uthe ziningi izinkinga ababhekene nazo kulesi sikhungo.
“Enye yezinkinga esibhekene nazo eyamanzi. Amanzi awekho esikhungweni njengoba enqamuka ngokufanayo nogesi. Ugesi akusikhona ukuthi awufakiwe, yingoba abawukhokheli kanye nawo amanzi,” kusho uLanga.
Uthe abafundi abasakwazi ukuthola amanzi ahlanzekile.
“Izingane azikwazi ukuthola amanzi ahlanzekile okwenza isikhungo singasebenzi ngokujwayelekile. Esikhungweni sinabafundi abaphila nokukhubazeka abagcina bengasakwazi ukuzenzela izinto ngendlela efanele,” usho kanje.
Uthe nenani lothisha abafundisa kulesi sikhungo alanele.
“Isikhungo sinomthamo wabafundi abaningi kakhulu okugcina sekwenza ukuthi othisha abafundisayo bebe bancane. Amanye amakilasi agcina engakwazi ukufunda ngenxa yale nkinga,” ubeke kanje.
Okhulumela uMnyango weMfundo ePhakeme KwaZulu-Natal, uMnuz Fanie Ngoma, uthe lolu daba uzoludlulisela kuNgqongqoshe kanye nenhloko yama-TVET College.
“Kodwa-ke, ikolishi kufanele libe nezindlela ezanele zokusingatha le mibuzo ngoba yizinkinga zasekhaya abaphathi bekolishi okufanele babhekane nazo,” usho kanje.