UKHALE ezimathonsi ngamazambane abolile embuthweni wamaphoyisa esiteshini saseNanda, umphakathi obuhambele imbizo yokubhunga ngobugebengu ehholo lomphakathi eMaoti, eNanda.
Le mbizo, ebibizwe uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, ephelezelwa uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ibihlanganisa izinhlaka ezehlukene emphakathini waseNanda, KwaMashu, eNtuzuma naseVerulam.
UMnuz Zithulele Shandu waseMachobeni, obhodle umlilo maqede kwaduma ihlombe, ebuza uMkhwanazi ukuthi yisiphi isizathu esenza angamxoshi umphathi wesiteshi saseNanda?
"Ngiyazibuzela nje ukuthi kungani loya muntu ongumholi kulesiya siteshi engaxoshwa?" kubuza uShandu.
Uthe uhlale ebuya ebusuku emsebenzini, abone yonke imikhuba egilwa ngamaphoyisa aseMtshebheni, wathi ngamalungu omphakathi anamakotishi endaweni, athe ayizizinda zokufihla izigebengu.
"Ababacubungulisisi abantu ababaqashisayo. Lezi zigebengu zivele zibeke imibhede emakotishini, zihambe ziyobamba inkunzi, bese ziyabaleka endaweni," kusho uShandu.
Uthe kuyakhathaza ukuthi omastende abanendaba, bajatshuliswa ukuthi umuntu usuke ekhokhe irenti kuphela.
Ukhale nangezitolo zabokufika, athe kazibhalisiwe, wathi buningi ubugebengu obenzeka kuzona obufaka phakathi amaphoyisa.
"Amaphoyisa aseMtshebheni ahamba ngezimoto zombutho ukuyokoleka imali kulezi zotolo. Nginayo ngisho nenombolo yemoto eyayenza lokho. Mkhwanazi ngingakuthatha ngiyokubeka lapho okwenzeka khona lokhu," usho kanje.
Nokho akhona amagama amaphoyisa abebalulwa umphakathi, uthi ayasebenza. Kuwona kuvele elikaDlamini (Warrant Officer BT) oke wanconywa embizweni eyayinoNgqongqoshe wamaPhoyisa waphambilini, uMnuz Bheki Cele. Kuleyo mbizo uCele waze wambonga ngo-R25 000 uDlamini. Muva nje, uDlamini uphinde wahlomula ngendondo esifundazweni njengoba kade kunomcimbi wokubonga amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla.
UMfu Sandile Ndlovu waseBhambayi (ngalapho umphakathi osanda kubulala khona abayisihlanu) uthe akulungiswe indaba yezinsizakusebenza ngoba bathi uma bebika ubugebengu, batshelwe ukuthi azikho izimoto.
"Nami ngiyayazi iveni efikayo endaweni izoletha izidakamizwa iphinde izihambise. Ngilubikile lolu daba kumphathi wamaphoyisa (esiteshini), wagcina ethi uzoyilandela, kwaphela kanjalo," kusho uNdlovu.
Ukhale ngokuthi babuye bakhuzwe ngokuthi bangazijeziseli abasolwa.
"Into edala ukuthi abantu bazijezisele abasolwa ukuthi amaphoyisa kawafiki ngesikhathi. Ngeke ulokhu ubambe umuntu amaphoyisa engafiki, yikho abantu begcina besebenzisa ithuba abalitholayo, bezithathela umthetho ngezandla," kusho yena.
OweNtuzuma Neighbourhood Watch, uMnuz Andile Jali, uphakamise ukuthi aholelwe imiholo ethe xaxa amaphoyisa ukuze ezothi uma ebanjwa enza inkohlakalo, kube yicala elibomvu.
"Sifisa nisheshise neyokuqashwa kwalabo abazoqapha ubugebengu emiphakathini. Sengathi leyo phrojekthi ingaqala khona la eThekwini. Lokhu kuzoshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, kuzolungisa indaba yesibalo sabangasebenzi, iphinde ilwe nobugebengu," kusho uJali.
Unxuse nokuthi abuyekezwe namalungelo anikwa izigebengu uma sebezihambise emaphoyiseni.
"Njengamanje liphumile izwi lokuthi uma abayizigebengu bebamba umuntu, bethola ukuthi usezinhlakeni ezilwa nobugebengu, bambulale ngoba kubulawe ubhongoza wabo. Lokho ngifuna ukukusho ngingahlonizi ngoba kungenzeka umhlangano olandelayo ufike sebebabulele abanye bethu," kubeka uJali.
Kubuye kwaphakanyiswa ukuthi zithathwe izingane ezincane ezenza ubugebengu ziyogcinwa ezindaweni ezigcina izingane.
Kuphinde kwavela nesiphakamiso sokuthi ithuthukiswe indawo yaseNanda, kufakwe amalambu akhanyisa kakhulu, kwakhiwe imigwaqo ekahle nezindlu ezikahle ukuze amaphoyisa akwazi ukusheshe afike emphakathini uma ebizelwa ubugebengu.
Kuvele nokuthi abantu abasawabiki amanye amacala ngoba bengasizakali, kuwona kuvele ukuthi kunezimoto ezivele zime, kwehle abantu nezibhamu, bakhuthuze abahamba ngezinyawo amaselula.
UMkhwanazi uthe uzoyibukela eduze eyezikhalazo ezishiwo ngesiteshi saseNanda.
"Ngizoke ngibheke ukuthi umasteshi waseNanda uyenza nini imihlangano nomphakathi inyanga nenyanga njengokulindelekile," kusho uMkhwanazi.
Uthe sebeqalile ukuthi basebenzise ama-drone ukuqapha ubugebengu, ikakhulukazi kulezo zindawo okungangeneki kalula khona, wathi baphezu komsebenzi wokulungisa amakhamera, azobukwa ndawana thize ezokhethwa ukuze nalokho kulekelele ekulweni nobugebengu.
UNtuli ephendula kokunye okushiwo umphakathi, uthe okuzosiza ukuthi umuntu nomuntu kuzofanele libe khona iqhaza alibambayo emphakathini.
"Lokhu kudinga wonke umuntu. Kufanele nizibophezele ukuthi indawo yenu ihlale iphephile, inokuthula. Sonke asibe amanxusa okulwa nobugebengu," kusho uNtuli.
Uthe nasemakhaya, abazali abangazifuyi izigebengu, bazibike emaphoyiseni.
"Ekhaya kwakho uyifundisa kanjani ingane yakho, uzifundisani, uxoxani nazo ekutheni kufanele ziziphathe kanjani emphakathini," usho kanje.
Uthe abangadikibali abantu ukubika amacala nokumpimpa izigebengu, wathi lokho abakwenze ngokuzifihla ezinombolweni ezifanele, bangayi eziteshini ngqo.