INYUNYANA yabasebenzi bakahulumeni, iPublic Servants Association (PSA), ithi ilungiselela ukhukhulelangoqo wesiteleka emuva kokuthi amalungu ayo esinqabile isiphakamiso sokunyuswa kwamaholo ngo-3%.
IPSA ithi izingxoxo zifinyelele kwangqingetshe emuva kokuba uhulumeni ephakamise ukuthi uzokwazi ukunyusa amaholo ngo-2%. Kuthe uma besinqaba lesi siphakamiso, wathi uzokwazi ukuwanyusa ngo-3% futhi ngeke esanyuka.
UMnuz Rueben Maleka, obhekelele izinhlelo zePSA kuzwelonke, uthe uhulumeni ubuye wazibophezela ukuthi uzoqhubeka nokuholela abasebenzi isibonelelo sikakheshi kuze kuphele uMashi wonyaka ozayo.
“Siye kubasebenzi sababuza ukuthi bayasamukela lesi siphakamiso noma cha. Basitshele ukuthi abasamukeli. Lokhu kusho ukuthi sizoqala amalungiselelo esiteleka ngaphansi kwesigaba 69(4) seLabour Relations Act, esikubeka kucace ukuthi uma singekho isivumelwano izinyunyana zinelungelo lokufaka isicelo sokuqhinqa noma sokuteleka,” kusho uMaleka.
Uthe ngoLwesibili babe nomhlangano lapho bebebhunga izinhlelo nemibandela yokuqhinqa kanti uhulumeni uthe uzobuyela kubona ngoLwesihlanu.
Kulindeleke ukuthi zonke izinhlaka ezithintekayo zibe sezihlangana ngo-Okthoba 17 ukubhala kahle imithetho yokuqhinqa ngaphambi kokuthi ukhomishana woMnyango wezemiSebenzi aphasise imigomo nemibandela ezolandelwa.
UMaleka uthe emuva kwalokho bazoqala ukuqhinqa ngezikhathi zesidlo sasemini belungiselela isiteleka.
Uthe yize uhulumeni ethe ngeke esanyakaza ku-3% kodwa banethemba lokuthi uma sebeqala umnyakazo wesiteleka, lokhu kuzokwenza uhulumeni acabange kabusha.
Ukhale ngokuthi abasebenzi bakahulumeni bagcina ukunyuselwa imali eminyakeni emithathu edlule ngakho abaqondi ukuthi kungani uhulumeni engafuni ukunyusa umholo ngemali ebonakalayo.
Ubalule ukuthi ugesi, amanzi, ukudla, uphethroli nemali yokugibela sekunyukile kanjalo nemali mboleko ngakho uhulumeni kufanele acabangele abasebenzi.
Uthe izandla zabo zisavulelekile ukuthi baxoxe nohulumeni futhi uyathemba bazokwazi ukuthola isixazululo uma zonke izinhlaka zihlala phansi.