BASHAYISANA ngamakhanda othisha nabazali njengoba abezokuphepha bevale amakilasi okuthiwa awaphephile kwasala ikilasi elilodwa esikoleni okumele bonke abafundi bafunde kulo.
Abazali basesikoleni iMahhafana Primary eseMzimkhulu, sebegqigqe amasonto amabili esikoleni, beyobuza ngezincwadi ezifike nabafundi ezithi kuvalwe amakilasi amathathu kulesi sikole esiqala kuGrade R siye kuGrade 7.
Abazali bathi la makilasi abevele engenele kufunda kuwo ama-grade ngamabili ekilasini elilodwa. Kuhlwe emini uma sekufika umhloli ohlola ukuphepha kwamabhilidi ezikoleni ngoFebhruwari 11, ethi uyawavala amathathu, akasafuni muntu ozongena kuwona. Kusale elingumahamba nendlwana elifundela uGrade R.
Omunye wabazali onengane efunda uGrade 4, uthe isigungu sokuphathwa kwesikole sibize umhlangano sabonisana ngokuthi okungcono leli kilasi elikhona kushintshwane ngalo kunokuthi izingane zihlale emakhaya.
"Ingane iya kanye esikoleni, kulezi zingane kunezingane ezifunda uGrade 7 ezizoya ezikoleni zamabanga aphezulu. Asazi zizofika zinjani. Uthishanhloko uthi akazi ukuthi isikole sizowathola yini amakilasi angomahamba nendlwana noma abafundi bazoyiswa kwesinye isikole," kusho lo mzali.
Usihlalo wesigungu sabazali sokuphathwa kwesikole, i-School Governing Body (SGB), uNkk Khonzeni Dlamini, uthe kuyiqiniso ukuthi izindonga zamakilasi zineminkenke, bacabanga ukuthi kudalwa izihlahla ezisesikoleni.
"Umhloli obheka ukuphepha ezikoleni wabala ukuklayeka kwezindonga njengobungozi obudala ukuthi awavale, ukuphuma kwezipikili ophahleni okungaholela ekutheni uma kunesiphepho uphahla luphephuke kalula, ithoyilethi elibhodlokile nokungabikhona kwamanzi esikoleni njengoba sithembele emanzini emvula.
“Ngosuku afika ngalo kwakungekho ngisho ibhakede lamanzi esikoleni. Siyavuma ukuthi lezi zinto azibalayo zisho ukuthi akuphephile kodwa manje esifuna ukukwazi ukuthi kuzokwenzekani ngezingane zethu? Sekuphele amasonto amabili umnyango ungasitsheli lutho, uthishanhloko ushaya ucingo phambi kwami abhalele umhloli kodwa abaphenduli. Sesize saqhamuka nokuthi ingane ngayinye ize kanye ngesonto esikoleni nokulimaza izingane," kuyo uNkk Dlamini.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthintiwe ukuze uphawule ngalolu daba kodwa awuphendulanga.