BASABISA ngokwenza isimo singalawuleki esikoleni iZwakele Primary eMawoti eNanda abazali uma kubuya impendulo engabagculisi ngoLwesihlanu ngokuqashwa kukathishanhloko omusha.
Abazali ebebevutha bengabaselwe basivalile lesi sikole ngoLwesine, benengwa ukuqashwa kukathishanhloko abangamazi esikhundleni sikaMnuz Mxolisi Mnembe.
Kuthiwa babuye behlisa umoya bathi akubuyelwe namuhla, kusalindwe impendulo ezobuyiswa abahloli ngoLwesihlanu, kulandela umhlangano ababe nawo ngoLwesine emva kwesiteleka.
UMnembe kuthiwa ubeyiphini likathishanhloko iminyaka kulesi sikole kanti ngoNovemba nyakenye uthathe esokuba yibamba likathishanhloko, kulandela ukuhamba kobekhona ngaleso sikhathi.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Mthandeni Mnqayi, lithe umphakathi udinwe ugane unwabu, ukhala ngokucindezelwa kukaMnembe owusizo kubafundi nasemphakathini.
“Isikole sithola uxhaso olunhlobonhlobo mihla namalanga ngenxa yakhe, wenza okungaphezu kokufundisa, aphume ayofuna osomabhizinisi abazolekelela ngezinto ezehlukene emfundweni yabafundi,” kusho uMnqayi.
Uthe kumanje uthole usomabhizinisi ozoletha amakhompyutha esikoleni.
Uqhube wathi esikhathini esiningi uma sekuphume isikole nangezimpelasonto, umthola echusha emaphaseji alendawo, eyonikezela ngosizo emindenini yabafundi abafunda kulesi sikole.
“Uze atholele ngisho imindeni ehlwempu amaphasela okudla, atholele abazali abangasebenzi imisebenzi. Ngaphandle kokuba wuthisha, uyawuphilela umphakathi,” kusho uMnqayi.
Ubuye waveza nokuthi abazali bathole ukuthi lo thisha wenzelwe phansi elinye ilungu lesigungu esilawula isikole kanjalo nomabhalane, angahoshelani nabo.
“Benomabhalane, babange i-password ye-email yesikole, kwaze kwafika isoka lakhe lizosabisa uMnembe esikoleni. Kusukela lapho abazange besahoshelana kahle. Uhlaliswe kanjani ke lowo muntu ethimbeni lenhlolokhono ngoba vele ubezomnyundela uMnembe?” kubuza uMnqayi.
Uphethe ngelithi abazali sebelinde impendulo ezobuyiswa abahloli ngoLwesihlanu kulandela umhlangano ababenawo nabazali ngoLwesine.
Wathi abazali bafunga bayagomela ukuthi uma ingahambisani nabo, kuzoma nse ukufunda kulesi sikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe babikelwe ngodaba lwaseZwakele.
“Asiyifuni indaba yokuthi kube khona abantu abazofuna ukuthi kuqashwe umuntu othile ngenkani. Labo bantu noma ngabe bangabazali, bangothisha noma isigungu esilawula isikole.
“Ukuthi umuntu ubeyibamba, akuchazi ukuthi isikhala esakhe. Uma kufakwa isikhangiso sesikhala, kusuke kusho ukuthi noma ubani angafaka isicelo, awuthole lowo msebenzi,” kuchaza uMahlambi.
Uphethe ngelithi akekho omunye uthishanhloko abazomthola eZwakele ngaphandle kwakhe lo oseqashiwe.
“Uma bengamamukeli, sizomthatha simyise kwenye indawo, bona basale bengenaye uthishanhloko,” kusho uMahlambi.