KHETHA SANGWENI
UPHIKO lwezokuShushisa lusazobhekisisa isinqumo senkantolo bese lumemezela isinyathelo esilandelayo. Lokhu kwenzeka ngemva kokuthi bephume phambili abamangalelwa abasolwa ngokubulala izinyane leSilo, uMntwana uLethukuthula Zulu.
Ibakhiphe phambili iNkantolo eNkulu eGoli, abamangalelwa abane abebesolwa ngokubulala kepha yabathola benecala lokweba.
UMntwana uLethukuthula, uyindodana endala kaNdlunkulu uSibongile uMaDlamini Zulu, esigodlweni seSilo KwaKhethomthandayo. Ngesikhathi eshona uMntwana kwakusaphila uyise iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Abamangalelwa abangabesifazane uTshegofatso Moremane, Margaret Koaile, Portia Mmola noGontse Tlhoele bebethweswe amacala okubulala, ukutholakala nezidakamizwa, nelokweba. Baphume phambili kwelokubulala uMntwana, nelokuphatha izidakamizwa batholakala benecala lokweba.
UMntwana uLethukuthula watholakala eshonile endlini yakhe ngoNovemba 2020, eNorthworld, eGauteng. Kwathi umngani wakhe uMnuz Nkosi Msimang watholakala equlekile. Batholwa ngumqaphi wendawo okunguyena owahlaba umkhosi.
Uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekuboshweni kwalaba besifazane okuthiwa babehlangane nomufi, nomngani wakhe endaweni yokujabula eRandburg. Kuthiwa umufi nomngani wakhe batshela abesifazane ukuthi kugujwa usuku lokuzalwa lukamngani kamufi, base behamba nabo.
Kuthiwa ngesikhathi kujatshulwa, abamangalelwa babona umufi nomngani wakhe sebezumekile base beshaqa impahla bashaya bachitha nayo. Kuvela ukuthi amaphoyisa aphenya athola izinsalela ezithile zolibofuzo okwabaholela ekubopheni abamangalelwa.
Okhulumela abezokuShushisa, uNkk Phindi Mjonondwane uthe bazobhekisisa isinqumo senkantolo bese bebona ukuthi bamisa kanjani ngaso. Kulindeleke ukuthi udaba lubuyele enkantolo ngo-Okthoba 6, nonyaka lapho kuzoqala izinhlelo zokugweba abamngamelwa ngecala lokweba izimpahla.