SABELO NSELE
ASEPHUME ibhodwe lawo amalungu e-MK esiShayamthetho saKwaZulu-Natal okuthiwa aphikisana nokuqokwa kukaNobhala Jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu, kanye nobuholi beqembu KwaZulu-Natal.
Amalungu e-MK esiShayamthetho kuthiwa asehlukene kabili, kuthiwa lawo aphikisana nokuqokwa kukaShivambu, okukamdidiyeli weqembu esifundazweni, uMnuz Willies "Makhuzemoyezela" Mchunu, kanye nokukaSotswebhu omkhulu weqembu esiShayamthetho, uMnuz Mervyn Dirks, asezibambela imihlangano yawo eceleni.
La malungu angu-19 kuthiwa abenomhlangano ngeledlule, lapho ekubeke kwacaca ukuthi awahambisani nokuqokwa kukaShivambu.
Lezi zinsolo ziqukethwe encwadini ebhalwe uDirks, ebhekiswe ebuholini be-MK.Ngokwencwadi ebonwe yiSolezwe, umholi we-MK esiShayamthetho, Inkosi Phathisizwe Chiliza, kanye nosotswebhu beqembu babengavumelekile kulowo mhlangano.
"Angizange ngitshelwe ngalowo mhlangano. UChiliza walunywa indlebe elinye ilungu leqembu," kusho incwadi.
Emhlanganweni kuthiwa kwakukhona owayengusotswebhu weqembu, uDkt Kwazi Mbanjwa noMnuz Thobani Zuma, abamiswa yiqembu.
UMbanjwa noZuma bamiswa yiqembu kulandela izinsolo zokunyamalala kwezigidi zamarandi ezitholwa yiqembu njengengxenye yamaqembu ameleleke esiShayamthetho.
Nakuba iqembu lathi uMbanjwa noZuma bamisiwe, bayaqhubeka nokubonakala esiShayamthetho futhi babekhona ngesikhathi kuvulwa isiShayamthetho.
Incwadi kaDirks iqhuba ithi amalungu ayeyingxenye yomhlangano athi wona azi ukuthi usotswebhu omkhulu we-MK uMbanjwa, aphinde futhi afuna kubuyiswe uZuma nabanye abamiswayo.
"Selokhu kwabuya abebemisiwe, kunemihlangano ebanjwa eceleni."
Incwadi kaDirks iveza ukuthi la malungu eqembu akubeka kwacaca ukuthi awahambisani nokuqokwa kukaShivambu, okukaMchunu, aphinde athi awahambisani nomthethosisekelo weqembu.
"Bathi bafuna ukubona uZuma (umholi weqembu) ngokushesha. Kusobala ukuthi la bantu basemkhankasweni wokulwa nobuholi beqembu."
Omunye wabathintekayo, uZuma (Thobani), uvele walandula yonke into ngesikhathi ethintwa yiSolezwe.
Uthe akayazi imihlangano okuthiwa uyayibamba wathi futhi akayazi nale ncwadi okuthiwa ibasola ngokubamba imibuthano.
"Empeleni nje nocingo bengikade ngiluvalile, ima ngiluvula manje, angazi ukuthi kwenzekani."
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni. Kanjalo nolukaMbanjwa belungangeni.
I-MK inamalungu angu-37 esiShayamthetho, nokusho ukuthi iningi lawo alihambisani nokuqokwa kukaShivambu.