UNGQONGQOSHE wezeMfundo eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthi ukhathazekile ngomkhuba wabafundi abatholakala bedle amakhekhe athakwe ngensangu, aziwa ngamaSpace Muffins.
Lokhu kulandela ukuthi abafundi abawu-15 bephuthunyiswe esibhedlela bedle amakhekhe athakwe ngensangu ngoLwesine nangoMgqibelo.
“Sikhathazekile ngendlela la makhekhe asesabalele ngayo ezikoleni. Abafundi batholakala sebegula, esikhathini esiningi baphuthunyiswa ezibhedlela. Sicela abafundi bayeke ukuthenga izinto abangazazi ngoba lokho kubeka impilo yabo engozini,” kusho yena.
Uthe isimo sabafundi abaphuthunyiswe ezibhedlela siqashwe ngelokhozi, kuze kube bayalulama babuyela emakhaya.Laba bafundi ngabaseRandfontein High, eWest Rand, kanti abanye ngabaseMamellong Secondary, Ekurhuleni.
“Abafundi abawu-11 baseRandfontein High, babike ukugula ngoLwesine esikoleni, baphuthunyiswa esibhedlela, ababili bahlolwa badedelwa ngalelo langa, kwathi abawu-11 balaliswa,” kusho yena.
Okhulumela umnyango, uMnuz Steve Mabona, uthe kuvele ukuthi laba bafundi bebedle amakhekhe athakwe ngensangu, phecelezi amaSpace Muffins okuthiwa abedayiswa ngomunye wabafundi.
“NgoMgqibelo, abafundi abane bakaGrade 12, eMamellong Secondary, eTsakane, kusolwa ukuthi bathenge amakhekhe athakwe ngensangu endleleni eya esikoleni.
“Kusolwa ukuthi ukugula kuqale emuva kokudla la makhekhe,” kusho uMabona.