UKUJIKELWA esiswini njengotshwala ngomunye wabo yikhona okubayisa kwalasha abamangalelwa abahlanu ebebebekwe uMbuso amacala okuqotha abayisishiyagalolunye ehostela iGlebelands, eMlaza, ngo-2023.
OMnuz Bongile Mabele (34), Siyamthemba Zintenteni Mthwana (32), Nkosayikhethi Njeya (35), Bongani Patrick Mboyiyana (38), noSibusiso Mkhonde (41) bonke, ababehlala kuleli hostela, bagojelwe amacala okubulala angu-8. IJaji uBusisiwe Masipa libalahle ngamacala angu-8 okubulala, labakhipha phambili kwelokubulawa kukaMnuz Mandla Bhodloza Mncaka.
Badubula babulala oMnuz Phakamani Lukhozi, Thamsanqa Helman Shongwe, Mpilo Christopher Khumalo, Lungani Sikole, Yandisa Ennox Msungubali, Nkululeko Freedom Lukhozi, Bongani Petros Mkane noMxolisi Comfort Mthethwa. Ababulali bebevele behamba icala bengaphakathi njengoba inkantolo yabanqabela ibheyili phambilini.
Bonke ababebulawa kwavela ukuthi babedutshulwa entanyeni nasekhanda. Kuthiwa babulawa behlezi ndawonye ebusuku ngoJuni 2, 2023, eBlock 57.
Bonke ababulali bebebekwe amacala ayisishiyagalolunye okubulala namane okuzama ukubulala nawokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Bonke abafi kuvela ukuthi umnyombo wokubulawa kwabo kwakunguwumbango wemibhede yokulala ehostela. Kwahlaluka ukuthi ababulali babekade bekhokhelwa u-R6 000 ngombhede ngamunye uma befaka umuntu omusha.
Ijaji liveze ukuthi isinqumo senkantolo sigxile ebufakazini obethulwa nguMnuz Mfanufikile Skhosana owayekanye nabalahlwe amacala kuboshwa itulo nangesikhathi sekuhlaselwa abafi.
USkhosana ebufakazini bakhe wageqa amagula ngakho konke okwenzeka. Wayekwenza lokhu ngoba wayesephenduke ufakazi woMbuso - emva kokujikela esiswini njengotshwala izimpintshi zakhe. USkhosana watshela inkantolo ukuthi ulahlwa unembeza yingakho ebona kumqoka ukuba agonyuluke ngokwenzeka.
Waveza ukuthi bakuhlela bonke ngokubambisana ukubulawa kwabafi ngoba babekade becikwa ukuthi kabalaleli uma kukhulunywa izindaba zemibhede yasehotela.Ijaji lichaze ubufakazi nokugonyuluka kukaSkhosana njengobuqondile, obuqotho futhi obungasetshenziswa yinkantolo ukulahla ngecala ayekanye nabo.
"Inkantolo ekuqaphelile kuSkhosana ukuthi ubufakazi bakhe bebuneqiniso futhi bungashayi eceleni. Abekukhuluma konke kunjengoba kunjalo njengoba kwaphinde kwafakazelwa nangabanye ofakazi,'' lisho kanjena ijaji.
Ngaphambilini, abalahlwe ngamacala bake baxosha ummeli wabo, u-Advocate J. Walmaraas, bekhala ngokuthi abasamethembi.Nokho babuye bashaya ungqimphothwe njengoba baphinde bambuyisa. Kube nokudangala okukhulu ebantwini abaningi ebebephume ngobuningi begcwele inkantolo bezokweseka amadoda agojelwe amacala.
Ngemuva kwesinqumo, baphume bedangele ebusweni kubonakala nje ukuthi abasikholwa isinqumo sejaji.Ngaphambilini, abamangalelwa bekuthi uma inkantolo isaguqile baxhawule abalandeli babo, abanye baze balimise ngesihloko elokuthi bazophuma.
Ngemuva kwesinqumo baphume behla bangasho lutho kulabo ebebezobeseka enkantolo.
Ekuqaleni kwaqhuma isililo enkantolo kwabemindeni yabafi bekhala ngokugodlwa kwesinqumo secala ngomzuzu wokugcina.