UKUNUKA kwephunga elixakile sekubangele umphakathi waseMgcweni ku-ward 4, eCato Ridge, ukuthi uhlale kabuhlungu njengoba livele livimbanise kungabe kusaphefumuleka.
Iphunga liqhamuka edamini elisenkampanini ekhiqiza inyama i-Frey’s Food Brands eyakhelene nemizi yabantu. Ukunuka kwalo - ngokusho kwamalungu omphakathi - kuqale ngamandla ngoMashi kuwo lo nyaka.
UMnuz Lindokuhle Phakathi ohlala kuyo le ndawo ekhuluma neSolezwe, uthe leli damu libanika inkinga kakhulu.
“Amatekisi awasafuni nokusishiya ngasemakhaya ethu ngenxa yokunuka kwedamu. Idamu uma ligeleza lihamba ngomfula obhukuda izingane, kuphinde kuphuze nemfuyo kuwo,” kusho uPhakathi.
Uthe kunezitamkoko esezigeleza wona la manzi anephunga elinukayo eliqhamuka kuyo inkampani.
“Izitamkoko zigudla imizi okugcina sekwenza iphunga liphethuke emagcekeni. Ebusuku ligcwala indlu uze ucabange ukuthi nawe usuzonele,” usho kanje.
Uqhube wathi inkampani akukho ekwenzile ukuzama ukugwema lesi simo.
“Sake sabona bebize inkampani ethize ukulungisa umonakalo kodwa kwangenzeka lutho.”
UMnuz Sbonelo Goba yena uthe amanzi aqhamuka kuleli damu ahamba ngesitamkoko esigudla kwakhe okwenza iphunga lingabekezeleki.
“Angisakwazi nokuthi ngibe nezivakashi ngenxa yephunga. Njalo ngihlalelwe ukuchaza ukuthi isimo esiphila ngaphansi kwaso sinjani. Ebusuku linuka ngale ndlela exakile kugcina sekungalaleki,” kusho uGoba.
Ikhansela laku-ward-4, uMnuz Petros Nxumalo, lithe umphakathi walibikela ngalo lolu daba.
“NgoMeyi 2024, ngathumela uMnyango wezeMvelo kumasipala ukuphenya. Baya kulo idamu base bethi bazoya ka-Frey’s benze nombiko,” kusho iKhansela uNxumalo.
Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Gugu Sisilana, uthe babikelwa ngephunga elinukayo kule ndawo.
“Ngesikhathi umasipala ethola isikhalo mayelana nephunga nokushintsha kombala kwamanzi, wathumela ithimba lezikhulu eminyangweni efanele okuhlanganisa noMnyango wezeMpilo ukuba liyohlola. Ngemuva kokuhlolwa, inkampani yaziswa ngokutholakele futhi kwavezwa izinyathelo ezidingekayo. Isitatimende esimayelana nezemvelo kanye nombiko osolwayo sisalandelwa wumnyango.” kusho uNksz Sisilana.
Uqhube wathi inkampani iFrey’s Food Brands inemvume esemthethweni.
“Imvume iFrey's Food Brands enayo igunyaziwe futhi inemibandela nemithetho okumele ithotshelwe.
Uphiko lwezeppilo likuqaphile ukulandelwa kwemithethonqubo ebekiwe,” usho kanje.
Imizamo yethu yokuthola okhulumela inkampani ayiphumelelanga. UNksz Aruna Khan oluleka le nkampani kwezomthetho uthe umphathi omkhulu usemhlanganweni, yena akekho esikhundleni sokukhuluma nabezindaba