AWOTHA ubomvu amaqembu ezepolitiki akhala ngesenzo sikaNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, sokuwugcina uyimfihlo umbiko wophiko oluqapha ukusebenza kwamaphoyisa, i-Ipid, ebiphenya ukuziphatha kwamaphoyisa agada uMengameli Cyril Ramaphosa.
I-Ipid ibiphenya izinsolo zokuthi amaphoyisa agada uRamaphosa asebenzisa budedengu izinsiza zomphakathi ngesikhathi elandela abantu abasolwa ngokugqekeza epulazini likaRamaphosa, iPhala Phala.
UMchunu uveze ukuthi uzogcinwa uyimfihlo lo mbiko. Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende ngoLwesithathu.
UMchunu ubephendula umbuzo womholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula.
Kwashaqwa izindodla zamadola aseMelika ngesikhathi kugqekezwa epulazini likaRamaphosa ngo-2020.
Kunezinsolo zokuthi amaphoyisa agada uRamaphosa asebenzisa izinsiza zoMbuso ukulandela abasolwa, kuthiwa aze aya ngisho ezweni elingumakhelwane, eNamibia, lapho kudabuka khona abasolwa.
UMchunu uthe umthetho uyakuvuma ukuba imibiko ethile igcinwe iyimfihlo.
Lesi sinqumo sigxekiwe amaqembu i-ATM, MK, ne-EFF, asola uMchunu ngokuvikela uRamaphosa.
Okhulumela i-ATM, uMnuz Zama Ntshona, uthe lo mbiko bekufanele unekelwe izwe.
"Lolu udaba olubalulekile, lubhekwe abantu abaningi. Ukuze kungeke kulokhu kuba nomsindo, umbiko bekufanele ukhishwe. Kusobala ukuthi uMchunu uvikela uRamaphosa."
Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, usabise ngokuthi bangase bathathe izinyathelo zomthetho uma umbiko ugcine ungakhishwanga.
"Siphila ngaphansi koMbuso wentando yeningi. Lokhu okwenzekayo kuphambene nomthetho. Lena eminye nje imizamo yokuvikela abantu abathile. Sizoxhumana nabameli bethu sibone ukuthi iziphi izinyathelo esingazithatha."
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe ukungakhishwa kombiko kukhombisa ukuthi kunongcobho endleleni okwasingathwa ngayo udaba lwasePhala Phala.
"UMchunu naye uzifaka enkingeni ngokunqaba ukukhipha umbiko. Sizoyilwa le ndaba ePhalamende sibone ukuthi singayinqoba kanjani. Sifuna ukuthi umbiko unekelwe izwe."
Udaba lwasePhala Phala seluphenduke utwayi kuRamaphosa njengoba luhlala lubuye luvuke.
URamaphosa wavulelwa icala owayeyinhloko yezinhloli, uMnuz Arthur Fraser, emsola ngokungabikeli amaphoyisa ngokugqekezwa kwepulazi.
Imali engamadola aseMelika kuthiwa yayifihlwe empahleni yasendlini. Izinhlaka eziningi ebezimphenya okubalwa kuzo ihhovisi loMvikeli woMphakathi, ibhange loMbuso nomqoqi wentela, zamthola engenacala.