UMASIPALA waseMhlathuze ukhala ngokucishwa kukagesi othi kuholele ekutheni ezinye izindawo zawo zingawatholi amanzi.
Izingxenye ezithile zalo mkhandlu zisale zingenamanzi, kwezinye ephuma kancane kusukela ngonyaka owedlule. Lesi simo siholele ekutheni ikhansela leDA, uMnuz MuziMtshali, libhalele umkhandlu liwucele ukuthi wandise izimoto zamanzi ezindaweni ezithintekile.
UMtshali uthe sekunemiphakathi osekuphele amasonto ingenawo amanzi.
“Izinkulungwane zabantu baseMhlathuze, zisale zingenawo amanzi kusukela maphakathi noDisemba. Akubukeki isisombululo sizotholakala maduze.”
UMtshali uthe izindawo ezithinteke kakhulu ziku-ward 10,11, 30 no-34.
“Zincane kakhulu izimoto zamanzi ezifinyelela kulezi zindawo. Kwezinye izindawo azifinyeleli nhlobo izimoto zamanzi. Ingakho ngibhalele imenenja yomkhandlu, uMnuz Nkosenye Zulu, ngicela ukuba kwandiswe izimoto zamanzi.”
Kepha okhulumela umasipala, uMnuz Bongani Gina, uthe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuphazamisa ukuhlinzekwa kwamanzi.
“Imishini yethu isebenza ngogesi. Kuyaye kuthi uma kuhambe ugesi, bese kusebenza ama-generator. Iqiniso ukuthi inani lamanzi esilithola uma imishini isebenza ngogesi alifani nalelo esilithola uma kusebenza ama-generator. Njengoba kulokhu kuqhubekile ukucishwa kukagesi, kuyaphazamiseka ukunikezelwa kwamanzi.”
UGina uthe umasipala wenza isiqiniseko sokuthi uyazithumela izimoto zamanzi emiphakathini ethintekile.
“Imiphakathi iyaye yaziswe ngezikhathi izimoto ezizofika ngazo.”
UGina uthe umkhandlu usezinhlelweni zokwandisa isibalo sezimoto zamanzi.
“Njengamanje umasipala unezimoto zamanzi ezingu-13 kanti maduze nje, kuzofika ezinye eziyisithupha. Sizozamukela maduze.”
Khonamanjalo, uMtshali uphinde wakhala ngokwesalela kukahulumeni ekuhlinzekeni abantu basenhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal, ngamanzi. UMtshali uthe izindawo eziningi zakulesi sifundazwe azinawo amanzi.
“NjengeDA sisazoqhubeka nokulwela ukuthi omasipala bezifunda bathole izabelo ezithe xaxa, ukuze bezokwazi ukunikezela abantu ngamanzi. Sizokulwela ukuthi abantu bahlinzekwe ngamanzi. Sizophinde silwele ukuthi kunakekelwe ingqalasizinda yamanzi kulezi zindawo esikhona.”