UKHALA ngokungabi bikho kokubambisana kahle phakathi kwabo namaphoyisa uyise wosana oluthunjwe eWelbedacht West, eChatsworth, ngoMgqibelo owedlule.
ULwandle Mdletshe onezinyanga ezimbili, kuthiwa uthunjwe kubo kanina ngamadoda amabili angaziwa, afike kubo ehlome ngesibhamu.
Uyise, uMnuz Sfiso Duma, uthe kusukela amaphoyisa ebikelwe ngesigameko akukaze kube khona ukuxhumana phakathi kwabo.
“Amaphoyisa athule. Asikaze sizwe lutho kuwona kusuka ngosuku lwesigameko. Siphatheke kabi ngoba uma kuthule abantu bomthetho kasazi sizokwenza njani thina,” kusho uDuma.
Uthe sebelahlekelwe yithemba ngamaphoyisa futhi babona sengathi ahudula izinyawo odabeni abebezitshela ukuthi azoluthathela phezulu.
“Sesinomuzwa wokuthi kawafuni ukusebenza amaphoyisa ngoba kufanele ngabe okungenani asishayela ucingo, ukusazisa ngasekwenzile ukuzama ukusisiza sithole indodana yami,” kusho uDuma.
Uveze ukuthi selokhu kulahleke indodana yakhe uphuma nasebusuku ajikeleze emgwaqweni ngethemba lokuthi kukhona umkhondo azowuthola, bese azisa amaphoyisa.
Uphinde wathi bayalufisa usizo lokwelulekwa ngengqondo emva kwesigameko ngoba kunzima ukubhekana nomuzwa wokuthi bathunjelwe usana.
Kuthiwa ngosuku lwesigameko, abasolwa ngesikhathi befika kwaMdletshe bathi bafuna ilungu lomndeni, bangaligagula ngegama, bathi lintshontshe ibhodlela labo likagologo endaweni yokucima ukoma. Leli lungu belisekhabonina, lingekho.
Abasolwa kuthiwa bakhahlele isicabha bangena base bethatha usana egunjini lokulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ayalusebenza udaba.
“Sekujutshwe abaphenyi ababili bophiko oluphenya amacala odlame lwasemndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi. Abaphenyi basuka ezingeni lesifundazwe, yibona abaphenya ngokuthunjwa kosana,” kusho uNetshiunda.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uMnuz Mhlaba Memela uthe sebexhumene nomndeni wosana ukuze bahambise usizo lwezokwelulekwa ngokwengqondo.
“Sihlela ukuthi sithumele ithimba losonhlalakahle ukuthi lihambise lolu sizo ngoLwesine (esho namuhla),” kusho uMemela.