INHLANGANO elwela amalungelo abantu eSwatini, iSwaziland Solidarity Network, igxeka umshado olungiselelwayo weNgonyama uMswati wesithathu nendodakazi yowayengumengameli, uJacob Zuma, uNomcebo (21).
ISwaziland Solidarity Network ichaze lo mshado njengechilo, yakhala ngokunyathelwa kwamalungelo kaNomcebo.
Okhulumela inhlangano, uMnuz Lucky Lukhele, uthe alukho uthando kulo mshado, wathi kusetshenziswa uNomcebo ukuqinisa ubudlelwano beNgonyama noZuma. UNomcebo uzokuba unkosikazi kaMswati ka-16.
Ingonyama yathumela abakhongi ngenyanga eyedlule, kuthiwa yalobola ngezinkomo ezingu-100, nemali enguR2 million.
UNomcebo uvele useqalile ukubonakala emicimbini yaseSwatini ehanjelwa abasendlunkulu.
Kuthiwa kulindeleke ukuthi ziwushaye emva koMkhosi woMhlanga.
ULukhele unxuse zonke izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane ezwenikazi i-Afrika jikelele ukuba zigxeke isenzo seNgonyama noZuma.
“Sekukaningi la madoda ebukela phansi amalungelo abantu besifazane. Sekukaningi enza izinto eziphambene namasiko ethu thina ma-Afrika ukuze azuze kwezepolitiki nangemali.
“Sifuna ukuthi athathelwe izinyathelo ngokushesha. La madoda awagcinanga nje ngokusebenzisa budedengu amasiko ethu, kepha aphinde ehlisa isithunzi sabantu besifazane.”
AbakwaDlamini nabakwaZuma banomlando wokuganiselana.
Ngesikhathi uZuma eseyiphini likamengameli, walobola udadewabo weNgonyama, uMntwana uSebentile Dlamini, ngezinkomo ezingu-50.
Abanye abakwaZuma abaganwe ebukhosini baseSwatini kubalwa indodana kaZuma, uMnuz Mxolisi Zuma, nosomabhizinisi uMnuz Khulubuse Zuma.
ULukhele uthe kukhona okushaya amanzi ngokuganiselana kwale mindeni.
“Sekusele kancane ukuthi iganiselane abantu abayizihlobo. IFinancial Intelligence Centre kufanele iphenye ukushintshisana ngomcebo kwale mindeni yomibili.”
UNomcebo uke wabonakala eseduze neNgonyama, evunule ngebhayi leMK, okuyiqembu likaZuma.
ULukhele uthe lokhu kwabamangaza ngoba amaqembu ezepolitiki avalwe imilomo eSwatini.
“Abaholi bamaqembu ezepolitiki eSwatini bayahlukunyezwa. Kuyamangaza ukuthi uNomcebo uyakwazi nje ukuvele azifakele ibhayi leqembu likayise phambi kweNgonyama. Le senzo sikhombisa ngokusobala ukuthi abukho ubulungiswa lapha eSwatini.”
Okhulumela Ingonyama, uMnuz Percy Simelane, akathandanga ukuphawula kakhulu ngalolu daba ngoba ‘luthinta impilo yeNgonyama’ yasesithe.
USimelane uthe nakuba iSwaziland Solidarity Foundation inelungelo lokuzwakalisa imibono yayo, kodwa ayinalo ilungelo lokugxambukela empilweni yabantu yasesithe.