SIYANDA isibalo sabagxeka ukufungiswa kobengungqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko, uMnuz Zizi Kodwa, njengelungu lePhalamende nakuba esabhekene namacala enkohlakalo.
UKodwa wasule njengongqongqoshe walo mnyango kulandela ukuvela enkantolo ngezinsolo zokuthi wamukela uR1.7 million wentshontsho.
UMnuz Wayne Duvenage wenhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA), uthe lesi sinyathelo se-ANC sokuvumela uKodwa ukuthi afunge njengelungu lePhalamende, sizoba nomthelela ongemuhlelo empini yokulwa nenkohlakalo.
Uthe lokhu kuzodlulisa umyalezo ozodida abantu ngokuthi ngabe le nhlangano izibophezele ekulweni nenkohlakalo.
“I-ANC ihlale ithi izakha kabusha kodwa yenza okuhlukile kunalokho. Abantu bazodideka ngokuthi ngabe i-ANC izinikele empini yokulwa nenkohlakalo noma isuke izikhulumela nje,” kusho uDuvenage.
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, isigxekile lesi sinyathelo, yathi uKodwa kumele ahoxe.
UMnuz Matthew Parks weCosatu uthe kubamangazile ukufungiswa kukaKodwa ekubeni i-ANC inomgomo wokuthi amalungu abhekene namacala enkohlakalo kumele ahoxe emisebenzini yenhlangano.
Uthe lesi sinyathelo sizodida abantu ngoba i-ANC isho okunye iphinde yenze okunye.
Uveze ukuthi akuwakhi umqondo ukuthi wasula esikhundleni, gwiqiqi useyabuya uyafungiswa.
“Abantu bazolahlekelwa yithemba ngemizamo ye-ANC yokulwa nenkohlakalo. Akukuhle ukuthi sibe namalungu ePhalamende azophuma engena ezinkantolo,” kusho uParks.
I-ActionSA nayo isigxekile lesi senzo yathi ngoba ubhekene namacala abucayi.
Umholi wenguyazane yaleli qembu ePhalamende, uMnuz Athol Trollip, uthe uKodwa ubhekene nezinsolo ezithinta uR1.7 million, wentshontsho ngakho bekungamele afungiswe.
Uthe akuwakhi umqondo ukuthi kungaba nelungu lePhalamende elakha imithetho yezwe ekubeni ligqigqa ezinkantolo.
“Sinxusa i-ANC ukuthi imsuse njengelungu layo ePhalamende ukuze abe nesikhathi esenele sokuhamba icala abhekene nalo. Asifuni abantu bakuleli ukuthi bakhokhele izindleko zecala likaKodwa.”
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokufungiswa, uKodwa uthe akubuzwe i-ANC mayelana nokufungiswa kwakhe.
Uthe eyecala uzobhekana nalo enkantolo wathi umsulwa.