AKHWELE adilika amalungu ekomiti lemfundo ephakeme nokuqeqesha ePhalamende, kubaholi bamanyuvesi namakolishi abajaha ukumisa abaholi bezitshudeni noma babasabise ngokubabopha ngoba belwela izikhalazo zezitshudeni.
Amalungu agxeke nokubizwa ngokushesha kwezinkampani zonogada ukuthi zizoqapha isimo uma kunemibhikisho, ekubeni zikhona izinkampani zonogada ezikhungweni.
Emhlanganweni wekomiti nezinhlangano ezimele izitshudeni emanyuvesi nasemakolishi, okuyiSouth African Union of Students (Saus), neSouth African Technical and Vocational Education and Training Student Association (Satvetsa), kugxekwe amanyuvesi asasazela izitshudeni ngamaphoyisa.
USihlalo wekomiti uNksz Nompendulo Mkhatshwa, ukhwele wadilika kubaphathi bezikhungo abagcwalisa ‘izigora’ eziqapha iziteleka nezinkampani zonogada ezizimele, ezifika zidubule izitshudeni ngezinhlamvu zenjoloba.
“Kumele ngabe onogada abazimele bafika uma kubonakala ukuthi labo abaqashwe yizikhungo bayahluleka. Akumele kusuke umsindo omncane, bese kubizwa onogada abazimele,” kubhoka uNksz Mkhatshwa, owazakhela udumo ngenkathi kuqubuka umkhankaso wezitshudeni i-#FessMustFall, ngo-2015.
UNksz Jane Mananiso we-ANC, uthe kube ngcono ukuthi kubizwe lo mhlangano ukuze bazizwele izinkinga ezisemanyuvesi okutelekwa kuwona. Ugxeke abaphathi baseWits, ngokumisa uMengameli womkhandlu wezitshudeni u-Aphiwe Mnyamana, njengoba kuqhubeka isiteleka sezitshudeni ezikhala ngokuthi zifuna kunyuswe imali enguR45 000 eyisikalo ngonyaka yokukhokhela izindawo zokuhlala.
UMnuz Sanele Zondo we-IFP, uthe abaphathi bamanyuvesi namakolishi basebenzisa ngokwedlulele amandla abanawo kwizitshudeni ngokuthi bazimise noma bazibophise ngoba zilwela izimfuno zazo.
Uthe eNyuvesi yaKwaZulu, uNgoye, umkhandlu wezitshudeni kudingeka udansele isigingci sabaphathi uma kungenjalo uzomiswa.
“Kumele bavikelwe abaholi abasuke belwela izimfuno zezitshudeni. Basuke bekwenza lokhu bengazimele bona kodwa bethunyiwe.”
UMnuz Walter Letsie we-ANC, uthe yingakho bayalela iNSFAS ukuthi iye kwikhomishini yezokuncintisana ngendaba yokubiza kwezindawo zokuhlala izitshudeni ngoba ezinye zibiza oR70 000 ngonyaka.
Ukhale ngonogada abazimele abafika bahlukumeze izitshudeni uma kunemibhikisho.
“Kumele abaphathi bamanyuvesi baphendule ngendlela abaphatha ngayo izitshudeni uma kunemibhikisho. Iyakhathaza eyokuthi e-UKZN kuboshwe abaholi bezitshudeni ababili nokuthi abaphathi bavale izingxoxo nezitshudeni.”
UNobhala jikelele weSaus uLukhanyo Daweti, ukhale ngokumiswa kwabaholi bezitshudeni wathi kubaphethe kabi ngoba bavalwa umlomo.
Uthe eWits bajube ithimba ukuyophenya eyokumiswa kukamengameli wakhona wathi kuleli sonto bazoza e-UKZN njengoba kunababoshiwe.
“Sikhathazekile ngokwenzeka ezikhungweni ngoba sivalwa umlomo ukuze singakwazi ukulwela izitshudeni,” kukhalaza uDaweti.
UNksz Mkhatshwa uthe namhlanje abomnyango neNSFAS bafuna baphendule ezinye zezikhalazo zezitshudeni njengoba babethembisile ukuthi ngeke kube nazinkinga kulo nyaka.