BAVALE umgwaqo kwaphazamiseka ukufunda kwezinye izikole abazali abathi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uwuhlabe inhlali ngamakilasi avaliwe, okushiye isikole sinekilasi elilodwa.
NgoLwesine abazali nomphakathi owakhele isikole iMahhafana Primary, eseMzimkhulu bavale umgwaqo bethi sekuzophela inyanga bengayitholi impendulo eqondile kubahloli mayelana nokuthi kuzokwenziwa njani ngalesi simo.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, , uNkk Khonzeni Dlamini, uthe umhloli wezokuphepha kwamabhilidi wathi amakilasi amathathu obekufundela kuwo uGrade 1 kuya kuGrade 7 awaphephile , kwasala ikilasi likaGrade R okuyilona elifundela bonke abafundi ngokushintshana.
UNkk Dlamini, uthe ngesonto eledlule abahloli bafikile bathi bazolalela ukuthi kwenzekeni, babuyela emuva bathi basayochazela abangaphezulu kwabo ngabakutholile.
Omunye wabazali ebebevale umgwaqo uthe:" Besilindele ukuthi bazositshela ukuthi kuzokwenziwa njani, basathi bazolalela, ngemuva kwamasonto amathathu amakilasi avalwa? Impendulo kusho ukuthi sizoyithola nini? Ezinye izingane ziyabhala sikhuluma nje ezethu kuthiwa azenze njani. Sesibonile ukuthi uma silandela indlela yokuthi sifone sibhale izincwadi asiphendulwa, kungcono ukuthi nathi sibe nodlame sivale umgwaqo kuphazamiseke abantu abasebenzisa umgwaqo kubo okubalwa nezingane zethu ezihamba ngezimoto zomalume ziya ezikoleni zamabanga aphezulu kwezinye izigodi.
Omunye umzali uthe njengamanje bafuna ukuthi umnyango ulethe amakilasi angomahamba nendlwana, abasafuni ukuthi izingane zabo zigitsheliswe ibhasi ziyiswe kwesinye isikole ngoba kusho ukuthi nalokho kuzoba nenkinga.
"Besicabanga ukuthi iyona ndlela ezoshesha leyo kodwa manje sesiyabona ukuthi ngeke ilunge ngoba umnyango awunandaba, kusho ukuthi izingane zethu zizoke zingayi esikoleni kuthiwa awuwakhokhelanga amabhasi, okuyinto esike sizwe kuthiwa iyenzeka. Kule ndawo yethu umgwaqo mubi kuke kungahambi lutho ngenxa yesimo sawo. Lokho kusitshela ukuthi izingane zethu zizoba nezinsuku zokungayi esikoleni ngenxa yalesi simo,. Sishaye ucingo sicela usizo singalutholi, " kusho umzali
Uqhube wathi bazowuvala umgwaqo kuze kufike umuntu ophuma emnyangweni ozobanika izimpendulo.
"Uma sikhathala namhlanje, kusasa sizovukela khona emgwaqweni kuze kube siyaphendulwa," kusho umzali.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe usaxhumana nehhovisi lezemfundo elikule ndawo, uzophendula ngokugcwele uma esethole impendulo kulona.