ABHIKISHE ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseVerulam, izolo, amalungu omphakathi abethukuthele efuna bengadedelwa ngebheyili abasolwa ngamacala obugebengu okubalwa khona ukubulala nokubamba inkunzi.
Kuvela ukuthi abasolwa ababili bavele kule nkantolo izolo, emva kokuthi beboshwele ukudubula babulale owesilisa ekade bembamba inkunzi ngesonto eledlule eCornubia.
Kuthiwa umufi ubehamba ngemoto yakhe ngenkathi kuqhamuka abasolwa bazama ukuduna imoto abehamba ngayo base beyamdubula.
Usihlalo wekomiti elivikela ukuphepha komphakathi, uMnuz Nathi Sitshisa, uthe babhikisha enkantolo ngoba sebekhathele ubugebengu endaweni abahlala kuyona.
“Indawo yethu isiphenduke isizinda sezigebengu ezizenzela umathanda, kunzima nokuhamba ukhululeke emgwaqweni ngoba sibanjwa inkunzi sikhonjwe nangezibhamu.
“Sikhethe ukuzizela mathupha enkantolo ngoba asifuni bathole ibheyili, ukuyithola kwabo kusho ukuthi umphakathi awuphephile ngoba bayingozi futhi baphatha izibhamu,” kuchaza uSitshisa.
Uveze ukuthi oyedwa wabasolwa ngowakhona endaweni kanti omunye akaziwa ukuthi owakuphi kodwa kukhona indawo azinze kuyona nokuyilapho okuhlala khona abanye abagangayo emphakathini.
Ilungu lomphakathi, uNksz Nonhlanhla Chiliza, lithe izinga lobugebengu linyuke kakhulu, basaba ngisho ukuthuma izingane esitolo.
“Ubanjwa inkunzi ngisho wehla etekisini uphucwe nempahla oyiphethe. Singenelwa sihlezi ezindlini sikhonjwe ngezibhamu. Singajabula uma ngase kuphele ubugebengu endaweni yethu ngoba sekunesikhathi sagcina ukuzizwa siphephile.
“Ubugebengu buyakhula, sidiniwe singumphakathi futhi sikhathele ukubanjwa inkunzi ngisho emini,” kuchaza uNksz Chiliza.
Ikhansela le-IFP ku-ward 102, uMnuz Armstrong Mkhize, lithe bafuna amaphoyisa enze ushintsho ngoba kade ayebikwela ngobugebengu, kujike kuthulakale.
Uthe babalelwa kwabayisikhombisa abantu abatholakala bebulewe bedutshuliwe kule ndawo kugcine kungaziwa ukuthi badutshulwe ngubani.
“Ubugebengu bubhoke kusukela ngonyaka odlule futhi buyenyukela.” kuchaza uMkhize.
Uthe kwesinye isigameko kwadutshulwa isoka limi nentombi, bazama ukudlwengula intombi ngenhlanhla yakwazi ukubaleka.
Uqhube wathi uyasola ukuthi laba abagangayo abasendaweni futhi basuke besebenzisana nabantu abasuka kwezinye izindawo.