KUZOMA nse ukusebenza kwamatekisi esifundazweni saseWestern Cape ngenxa yombhikisho.
Lokhu kulandela imibiko yokuthi abeSantaco abaneme ngezinqumo zikahulumeni kulesi sifundazwe ezihlanganisa umthethosivivinywa kaMasipala waseKapa ngenhlawulo ezokhokhwa abamatekisi abaphula imithetho yemigwaqo.
Ekhuluma nabezindaba namuhla, iphini likasihlalo wale nhlangano kulesi sifundazwe uMnuz Nceba Enge uthe ziningi izizathu ezibenze bathatha isinqumo sokumisa ukusebenza.
“Sibone ezindabeni ukuthi umasipala ugunyaze umthethosivivinywa othe uma kuboshwa amatekisi ngokuphula imithetho kamasipala kuzomele bakhokhe inhlawulo kaR8000 uma iboshwa okokuqala, okwesibili bazokhokha uR10 000, okwesithathu uR15 000, okwesine umasipala uzoyidla ingabe isabuyela kumnikazi,” kusho yena.
Ngale kwalo mthethosivivinywa, abamatekisi bakhala ngesinxephezelo abebesithola kuhulumeni esaziwa nge-Blue Dot, okuthiwa uhulumeni walesi sifundazwe uyasivala ngoba akasenayo imali yokuqhubeka nalesi sikhwama.