SEKUNTWELA ezansi emacikweni okuchithwe izicelo zawo zemali yokubalekelela ngemali ngenxa yeCovid-19 wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kulandela umhlangano obuphakathi kukaNgqongqoshe nawo amaciko izolo.
Lo mhlangano wandulela inkulumo kaNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Nathi Mthethwa, ayethule ekuqaleni kwaleli sonto lapho eveze khona ukuthi kunamaciko okuchithwe izicelo zawo ngoba ehlulekile ukulandela imigomo abebekelwe yona.
Lesi sikhwama esibizwa ngeCOVID-19 Relief Fund sasungulwa yilo mnyango emuva kokuba uMengameli wezwe ememezele ukuthi kuzomiswa nse yonke into eNingizimu Afrika ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane lwalolu bhubhane.
UMthethwa wabe esememezela ukuthi kuzobekwa eceleni isizumbulu sikaR150 million ukuze kulekelelwe amaciko nabezemidlalo abakhahlamezekile ngenxa kathaqa.
Ngokusho kwesitatimende, esithunyelelwe imithombo yezindaba futhi sasabalaliswa nasezinkundleni zokuxhumana, uMthethwa uhlanganile nezinhlangano ezimele amaciko emikhakha ehlukahlukene okubalwa kuzo:
-Cultural and Creative Industry Federation of South Africa (CCIFSA)
- South African Music Industry Council (SAMIC)
- South African Screen Federation (SASFED)
-South African Arts and Culture Youth Forum (SAACYF)
-South African Roadies Association (SARA)
-Sisters Working In Film and Television (SWIFT) ne-Independent Black Filmmakers Collective and The Children's Foundation.
ISIGUNGU esiphezulu somfelandawonye weCCIFSA besiyingxenye yomhlangano wamaciko noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko izolo Isithombe:ESIGCINIWE"Inhlosongqangi ngalo mhlangano bekuwukudingida kabanzi ngenqwaba yabafake izicelo zokusulwa izinyembezi ezichithiwe ngenxa yokuhlulwa ukuhlangabezana nezidingo zalolu xhaso."
"Ngaphambi kwalo mhlangano, abanye ababambe iqhaza embonini yezobuciko bebephakamise ukuthi kuvulwe ithuba lesibili lokufakwa kwezicelo."
"Namhlanje (obekuyizolo) umhlangano uvumelane ngo-elethu ngokuthi kufanele kwenziwe isiqiniseko sokuthi labo ebebefake izicelo ekuqaleni kodwa zangemukelwa, balekelelwe ukuze nabo baluthole uxhaso."
Siqhuba lesi sitatimende sithe kubuye kwavunyelwana ngokuthi umnyango, ngokubambisana neCCIFSA, kumele uxhumane nazo zonke izinhlangano zikazwelonke.
Lokhu kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi amalungu azo asemthethweni ayalekelelwa ngokugcwalisa ngendlela izicelo zawo nokuqinisekisa ukuthi izicelo zawo zimi ngomumo.
"Le mboni iqhamuke nezinye iziphakamiso, okuhloswe ngazo ukwehliswa kwezinye izidingo zokufakwa kwezicelo ukuze kube lula futhi kusheshe ukuhlungwa kwezicelo," kuqhuba isitatimende.
"Imboni ibuye yazibophezela ukusiza umnyango ukuze kufezeke le nhloso. Zonke lezi ziphakamiso zamukelwe ngezandla ezifudumele wumnyango,"
ReplyForward