ABAHLAZIYI bezepolitiki bathi akumangazi ukubona amagatsha e-ANC KwaZulu-Natal, ehlukene phakathi ngokufanele bangenele umbango wezikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bale nhlangano ezokuba ngoDisemba, nonyaka.
Yize ubuholi be-ANC KZN bazwakalisa ukuthi beseka igama likaDkt Zweli Mkhize embangweni wokuhola le nhlangano, akhona amagatsha aphakamisa amagama ehlukile kulawo amenyezelwa wubuholi besifundazwe.Kukhona aphakamisa igama likaDkt Nkosazana Dlamini Zuma, kulo mjaho.
Okunye okuqaphelekayo wukuthi amanye amagatsha aphakamisa igama likaMnuz Mdumiseni Ntuli kwesikanobhala jikelele.Lokhu kwenzeka yize ubuholi be-ANC esifundazweni baveza ukuthi bona beseka, uMnuz Phumulo Masualle, ukuba athathe lesi sikhundla.
Abahlaziyi bezepolitiki abazimele, uMnuz Thabani Khumalo noMnuz Protas Madlala, bathe babona amagatsha e-ANC KZN ezoqhubeka nokuba maqembu-qembu. UKhumalo uthe ubona amagatsha ehlukene kathathu.
Uthe ubona iningi lawo lizokweseka uMkhize, okuwuye owesekwa yisifundazwe.
Kepha uthe akhona azophuma eceleni, aseke uDkt Dlamini Zuma, nazokweseka uMnuz Cyril Ramaphosa, ofuna ukubuya ihlandla lesibili.
“Yize emancane ngokwesibalo kodwa akhona lawo azokweseka uRamaphosa. Kukhona nalawo asamethemba owayengumengameli, uJacob Zuma. Lawo magatsha azokweseka uDkt Dlamini Zuma.”
UKhumalo uthe ubona indlela eya empumelelweni izokuba nzima kuNtuli, osanda kuphakamiswa yigatsha likaRamaphosa.
Uthe ukungesekwa kukaNtuli wubuholi be-ANC KZN nokuthi ezinye izifundazwe ezinkulu zingasho lutho ngegama lakhe, kwenza amathuba akhe okuphumelela abe mancane.
“Njengamanje igama lakhe liphakanyiswa ngamagatsha aseGauteng. Ngicabanga ukuthi igatsha lokuqala elaphakamisa igama lakhe liseWestern Cape. Izifundazwe ezifana neLimpopo, Mpumalanga, Eastern Cape, azikasho lutho ngaye.”
UMadlala unanele lawa magama, wakhala ngokuthi uNtuli akaziwa kwezinye izifundazwe.
“Kunzima njengoba iKwaZulu-Natal ingamphakamisile. Le nto yokuthi aphakanyiswe yigatsha likaRamaphosa, imfaka ugcobho. Yenza kube khona abambona njengomuntu kaRamaphosa.”
UMadlala ubalule ukuthi akaboni amagatsha aseKZN ezokwazi ukuhlangana ngaphambi kwengqungquthela.
“Kungenzeka baye kwingqungquthela behlangene phezulu, phansi behlukene.”
Uthe akaluboni luzophumelela umbimbi oluhlongozwa phakathi kukaDkt Dlamini Zuma noNkk Lindiwe Sisulu. Kukhona abahlongoza ukuthi laba baholi basebenzisane kule ngqungquthela. Uthe lolu mbimbi akulula luphumelele njengoba izifundazwe eziningi zivele sezishilo ukuthi zeseka obani.
Uphinde wakhala ngokuthi abantu besifazane kwi-ANC abesekani.
“Ikhona le nsila yokungafunwa kwabantu besifazane futhi isuka kubona abantu besifazane,” kusho uMadlala.