UMQONDISI jikelele eMnyangweni weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Nkosinathi Sishi, uthe abasisuselanga emoyeni isikalo sikaR45 000 ngonyaka, sokukhokhela indawo yokuhlala yezitshudeni ezifunda ezikhungweni zemfundo.
Uthe abesikhwama esixhasa ngezimali ezikhungweni iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), benza ucwaningo ngaphambi kokufinyelela kulesi sikalo.
USishi ukusho lokhu nje kunesikhalo kumanyuvesi angu-11 kwangu-26 kuleli, ngokuthi incane le mali ngonyaka njengoba kusho ukuthi isitshudeni sikhokhelwa uR4 500 ngenyanga wendawo yokuhlala.
“Kahle kahle kumanyuvesi angu-11 akhala ngalesi sikalo esibekiwe, ayisithupha iwona ashayeke kakhulu ngaso. INSFAS yenza ucwaningo ngaphambi kokuqhamuka nalesi sikalo,” kusho uSishi ngesikhathi abomnyango bevele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende.
Imikhandlu emele izitshudeni emanyuvesi okubalwa iWits, UCT, yangenela imibhikisho ikhala ngokuthi izitshudeni azikwazi ukuthola indawo yokuhlala ngoba ziyabiza.
INSFAS iye nakwikhomishini ebhekele ukuncintisana ifuna kuphenywe indaba yokubiza kwezindawo zokuhlala izitshudeni.
USihlalo webhodi leNSFAS uMnuz Ernest Khosa, uthe kumele kubhekwe kabanzi uma kukhona izitshudeni ezifuna kunyuswe imali yokuhlala.
Uthe kwezinye izikhungo zibiza oR90 000 ngonyaka, okusho ukuthi isitshudeni sikhokha uR9 000 ngenyanga ngendawo yokuhlala.
Isikhulu esibhekele ukusebenza kweNSFAS uNksz Nthuseng Mphahlele, uthe bengeze imibhede engu-3 000 kule nyanga emuva kwezikhalazo ngezindawo zokuhlala.
UNksz Mphahlele uthe bazoqhubeka bengeze ezinye njengoba kunokukhala ngokushoda kwazo.
“Siyahlangana nalabo abahlinzeka ngezindawo zokuhlala ukubachazela ngendlela esisebenza ngazo, siphinde sigunyaze izindawo ezintsha zokuhlala izitshudeni. Abanye babo bakhokhelwa ukuthi ngoba isikalo uR45 000 ngonyaka, kusho ukuthi kumele bathole le mali noma kungathiwa indawo yabo ibiza ngaphansi kwale mali.”
Uthe benza ucwaningo ngezindawo zokuhlala bathola ukuthi izindawo eziningi zibiza cishe uR33 000 ngonyaka.
“Emuva kwalolu cwaningo sibe sesiqhamuka nesikalo esingu-R45 000, kwasona esisuse umsindo kwamanye amanyuvesi. Sithole ukuthi ziyisithupha izikhungo ezibiza ngaphezu kwalesi sikalo sethu.”
UKhosa uthe basebenzisana nenhlangano emele ama-SRC kuleli iSAUS, wathi bayinxuse ukuthi ilethe uhlu lwezitshudeni ezisele ngaphandle ngenxa yalesi sikalo.
UNksz Mphahlele uthe ingu-393 227 imibhede ekhona ezikhungweni zemfundo.
Usihlalo wekomiti uNksz Nompendulo Mkhatshwa, uthe kunempi enkulu ekhona mayelana nesikalo seNSFAS ngezindawo zokuhlala.
Uthe bayaseseka lesi sikalo seNSFAS kuze kube sekugcineni.