UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uyalele abaphathiswa abasha ukuba bagxume bahlale phezu komsebenzi abaqokelwe wona.
UNtuli uthe ukuqokwa kwekhabhinethi lesifundazwe kusho ukuqala komsebenzi wokwakha kabusha iKwaZulu-Natal.
Ukusho lokhu emva kokufungiswa ngokusemthethweni emcimbini obuseMgungundlovu, izolo.
Kulo mcimbi obusenkundleni iWoodburn, uNtuli umemezele ikhabhinethi lesifundazwe elakhiwe abaphathiswa abaqhamuka kwi-IFP, ANC, DA neNFP.
La maqembu yiwo avota ngokubambisana ngesikhathi kuqokwa uNtuli, ngeledlule.
UNtuli uthe ubheke ukuthi abaphathiswa abasha basebenze ngokuzikhandla.
"Sinomsebenzi omkhulu wokwakha kabusha iKwaZulu-Natal. Ngiyazi ukuthi ngesikhathi sikhankasela ukhetho sasinemiqulu yezethembiso zokhetho eyehlukene. Kodwa ke manje sekuyisikhathi sokuba sibeke phambili izidingo zabantu baKwaZulu-Natal. Sonke sibhekeke ukuba sisebenze ngokwethembeka nangokucophelela."
UNtuli uthe bazolandelela ukuthi abaphathiswa bayayenza yini imisebenzi abayiqokelwe.
I-IFP iyona ethole izikhundla eziningi kwekhabhinethi lesifundazwe elimenyezelwe izolo.
Amalungu e-IFP, uMfu Musa Zondi uzophatha uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uzophatha uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uzophatha uMnyango wezoLimo, bese kuthi uMnuz Mntomuhle Khawula yena aphathe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko.
Amalungu e-ANC, uMnuz Siboniso Duma uzophatha uMnyango wezokuThutha osuhlanganiswe noMnyango wezokuHlaliswa KwaBantu, uNksz Nomagugu Simelane usazoqhubeka nokuphatha uMnyango wezeMpilo, uMnuz Sipho Hlomuka uzophatha uMnyango wezeMfundo.
Amalungu eDA, uMnuz Francios Rodgers, uzophatha uMnyango wezeziMali, uMnuz Martin Meyer yena uzophatha uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi.
Ilungu leNFP, uNksz Mbali Shinga, lizophatha uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
Abaphathiswa abangazange babuye uDkt Ntuthuko Mahlaba, Nkk Bongi Sithole-Moloi, Mnuz Super Zuma, Mnuz Sipho Nkosi noNkk Nonhlanhla Khoza bona basho ngaphambi kokhetho ukuthi sebethi khumu.
Ushintsho oluqaphelekayo olwenziwe ukuthi uMnyango wezokuPhepha koMphakathi usuzokuba ngaphansi kweHhovisi likaNdunankulu.
UNtuli uthe wenze lolu shintsho ngenxa yokuthi ufuna ukuba sekhaleni lokulwa nobugebengu.
"Ngesikhathi ngikhankasela ukhetho ngangibeke phambili ukulwa nobugebengu. Manje sekuyisikhathi sokuba silwe nalesi sihlava esihlasele imiphakathi yakithi."
Okuqaphelekayo ngekhabhinethi ukuncipha kwabantu besifazane abasezikhundleni.
Ikhabhinethi lesifundazwe eledlule beliholwa undunankulu wesifazane, libe nabaphathiswa besifazane abahlanu.
Ikhabhinethi elimenyezelwe uNtuli linabantu besifazane abathathu.
UNtuli akazange adlule kweyokuncipha kwabantu besifazane kodwa uncome ukuqokwa kwabesifazane ezikhundleni ezimqoka esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Ngesikhathi kukhethwa ngedlule, uNksz Nontembeko Boyce wakhethwa njengoSomlomo, kwathi uNksz Mmabatho Tembe, yena waqokelwa kwesePhini likaSomlomo.
UNtuli uthe kuyingqophamlando ukuqokwa kukaNksz Boyce noNksz Tembe.
"Abaqokwanga nje ngoba nakhu sekugcinwa icala, baqokwe ngoba nakhu bewazi umsebenzi."
I-MK ne-EFF abazange babe yingxenye yohulumeni wokubambisana esifundazweni.
UNtuli uthe bazosebenzisana namaqembu angeyona ingxenye yohulumeni wokubambisana, wathi imiphumela yokhetho ikhombise ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bafuna kube nohulumeni wokubambisana.
"Ngesikhathi sikhankasela ukhetho akekho owayethi ufuna ukubusa ngokubambisana, sonke sasifuna ukunqoba ukhetho. Abantu baKwaZulu-Natal bafike basho enye into. Basikhombisa ukuthi ibona abenezwi lokugcina, ingakho namhlanje sinohulumeni wokubambisana."
UMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji uThoba Portia Poyo-Dlwathi, liyalele abaphathiswa abafungiswe izolo ukuba bangakhohlwa izifungo zabo.