IPHINI likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMnuz Buti Manamela, lithe asikho isidingo sokuthi kwenziwe ushintsho ezinhlelweni zomnyango ngoba ezikhona ziyasebenza.
UManamela uthe izinhlelo zenza kube nozinzo futhi zihambisana nokubalulwa umqulu wokuthuthukisa izwe, iNational Development Plan.
Uthe noma izwe selibuswa nguhulumeni ohlanganisa amaqembu ahlukene anemibono yawo ngezemfundo kodwa kubalulekile ukuthi lo mkhakha unganyakaziswa.
“Ibambe ngakho ngezinhlelo ezikhona, asikho isidingo sokuthi siyishintshe, senze kungabi nozinzo. Siyazi izinto okumele sizenze ukuphucula lo mkhakha,” kusho uManamela.
Ukusho lokhu ngenkathi ekhuluma engqungqutheleni esongwa namhlanje eLimpopo, yenhlangano yothishanhloko bamakolishi amakhono iSouth African Public Colleges Organisation (SAPCO).
Usho lokhu nje izinhlangano ezimele imikhandlu yezitshudeni iSAUS neSasco, zahlaba ikhwelo lokuthi kungenziwa izinguquko ezinqala ikakhulu esikhwameni esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni iNSFAS.
Lezi zinhlangano zazinongabazane zingazi ukuthi yikuphi okuzokwenzeka kulesi sikhwama njengoba abaholi bamaqembu ahlukene, bebefuna kwenzeke izinguquko kusona.
Bebefuna isikhwama sibuyele kwesasikwenza phambilini okokuthi sigxile ekubolekeni imali yokufunda izitshudeni.
I-DA yayihamba phambili ithi kumele kwenziwe izinguquko esikhwameni.
UManamela uthe kubalulekile ukuthi amakolishi asebenzisane nezinkampani ezehlukene ukuze kube nezinguquko ohlelweni lokufunda.
“Uma sisebenzisana nezinkampani kuzoba lula ukwazi ukuthi zifunani. Ngaleyo ndlela sizokwazi ukufundisa lokhu okudingwa abaqashi.”
Uthe ukuze lo mkhakha ukhule kumele izitshudeni zibambe iqhaza.
“Izitshudeni kumele ziveze imibono yazo ngokuthi zifuna kwenziweni kulo mkhakha. Ngaphandle kwazo asikwazi uwukukhulisa.”