Ngeke ngisule esikhundleni sami sokuba nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha ngenxa yezinkinga zeNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
Lokhu kushiwo nguDkt Blade Nzimande, othe lawo maqembu ezepolitiki amfuna ehambile kumele azi ukuthi akayi ndawo.
UNzimande obekhuluma nabezindaba izolo, eTshwane, ngokuzokwenzeka kulandela ukuhlakazwa kwebhodi lalesi sikhwama, uthe uyazi amaqembu afana ne-DA, EFF, Umkhonto weSizwe Party namanye, amfuna ehambile.
“Ngibonga ukuthi angiqashiwe ibona. Ngizosulelani? Ngisule ekubeni ngikhulise imali esikhwameni iNSFAS. Badlala ipolitiki uma bethi angihambe, angikhethwanga ibona. Ngelanga okuyophatha ngayo i-DA ngiyosula. Angiyi ndawo ngoba asikho isidingo sokuthi ngisule ngenxa yokuthi i-DA namanye amaqembu athi angihambe.”
Usho lokhu nje, la maqembu athi akahambe ngoba usehlulekile.
UNzimande wehlise amaphaphu kulabo abacabanga ukuthi ngeke bayithole imihlomulo yabo ngoba sekuhlakazwe ibhodi.
“Kukhona abangabazayo ukuthi njengoba sekuhlakazwe ibhodi, ngabe imali yabo basazoyithola yini. Ngifuna ukuqinisekisa izitshudeni nabantu bakuleli ukuthi yonke imihlomulo izokhokhwa. Nabahlinzeka ngezindawo zokuhlala bazokhokhelwa njengoba kuhleliwe. Sihlakaze ibhodi ngoba silungisa izinto, akukho okuzoshintsha, sizoqhubeka njengoba sihlelile,” kusho uNzimande.