AMAZINYANE aKwaKhangelamankengane aseyale iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ukuba siqoqe ulimi lwaso uma sikhuluma nabantu besifazane.
Afunge ngokuthi azovikela udadewabo owathukwa yiSilo enkulumweni eqoshiwe. Lokhu akusho enkulumweni ebhalwe phansi ayithumele kwabezindaba. Le nkulumo ayithumele emva kokusabalala kwenkulumo eqoshiwe, lapho kuzwakala khona iMbube ishiya engalazi kudadewabo, uMntwana uNomkhosi kaZwelithini.
Kule nkulumo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, iMbube izwakala ikhipha uMntwana uNomkhosi ngaphansi kwezidwaba zeNdlovukazi ebazalayo, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, ongasekho.
AbaNtwana baKwaKhangela bathe lena akusiyo indlela abakhuliswa ngayo.
"Abazali bethu bakhombisa ubumqoka benhlonipho nobunye emndenini. Indlela esikhuluma ngayo, umoya kanye nolimi esilusebenzisayo kumele kube yisibonelo esizweni. ISilo uMisuzulu kaZwelithini, Mntwana uNtandoyesizwe, Mntwana uNomkhosi, Mntwana uBukhosibemvelo, Mntwana uBambindlovu, Mntwana uLungelo, Mntwana uMandlesizwe kanye noMntwana uSimengaye, sonke savundla esibelethweni sinye sendlovukazi ehloniphekile, okumele sivikele ifagugu layo futhi singaliphathi ngeze igama layo."
Abantwana bathe bazomvikela udadewabo noma ngabe uhlaselwa ngubani ikakhulukazi njengoba sidla lubi isihlava sokuhlaselwa kwabesifazane kuleli zwe.
"Njengalokho silwela ukuvikela igama leNdlovukazi noMdlokombane, siqhakambise amagugu kanye nobuntu, sifisa ukukuveza ukuthi ngeke sangabaza ukuvikela udadewethu nanoma yimuphi umuntu wesifazane ekuhlukunyezweni yinoma imuphi umuntu wesilisa, kungakhathalekile ukuthi unasikhundla sini emphakathini. Silapha ngenhloso yokuzoqinisa, sikhuthaze abesifazane ukuba baqhubeke nokubambana ngezandla balwe nalolu bhubhane lodlame lwangokobulili."
Abantwana bathe uma iMbube ihluleka ukuziqoqa kuningi okuzokonakala eNdlunkulu kaZulu, baxwayisa nangokuthi iyongena emlandweni omubi.
"Ukuqubuka kokwehlukana endlunkulu kusuke kungaqondene nje nalabo abathintekayo kodwa kusuke kuphazamisa nesisekelo sobukhosi. ISilo uShaka kaSenzangakhona asizange sisebenzise impi yobugovu nokwenza izinto budlabha ukwakha lesi sizwe esinamandla kangaka.
"Uma kungagcinwangwa ukuthula, kuba nemiphumela engemihle, kungesikhona emndenini kuphela kepha nasesizweni sonkana. Umbuso kumele ube insika yamandla, ungabi yinkundla yokuveza ukuzigqaja kwabathile. Abazokhohlwa yileli qiniso ngeke bakhunjulwa ngokuthi babe ngabaholi, kepha bayokhunjulwa ngokuthi yibona abaqumbe phasi umbuso."