LITSHELWE ukuthi akukho okulihlanganisa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali iphini lemeya kuMasipala Inkosi Langalibalele, uMnuz Sthabiso Dladla, ngesikhathi lihlangene namaphoyisa.
UDladla uhlangane namaphoyisa ngoMsombuluko kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi uyathinteka esigamekweni sokubanjwa kwemoto ethwala imali esenzeka ngesonto elidlule, eMtshezi.
Kulesi sigameko kwalimala onogada ababili emva kokuthi abasolwa beqhumise imoto yemali.
Izinsolo zokuthi uDladla uyasoleka kuleli cala zenziwa yiDA.
Izolo uDladla utshele Isolezwe ukuthi usadidekile ukuthi iDA yayikuthathephi ukuthi uyathinteka kuleli cala.
“Ngiyile emaphoyiseni ngihamba nommeli wami. Amaphoyisa afike athi ayikho into engihlanganisa naleli cala. Athe uma kukhona okusha azongazisa.
“Ngisale ngididekile ukuthi iDA yasikhipha kanjani isitatimende esithi ngiyafuneka uma amaphoyisa ekuphika lokho. Namanje nje ngisamangele, angazi ukuthi kufanele ngenzenjani.”
Ngesonto eledlule oKlebe bagasele emzini kaDladla bafike bashaqa isibhamu, imali notshwala.
Uthe isibhamu esashaqwa oKlebe esakhe futhi sisemthethweni.
Okhulumela oKlebe, uBrigadier Nomthandazo Mbambo, uthe babengakaze basho ukuthi bayamfuna uDladla.
“Thina sinabo abasolwa ababili asebeboshiwe. Kunabanye abasolwa abayisithupha esibafunayo. Bayisishagalombili abasolwa sebebonke.”
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe azikho izinyathelo ezizothathelwa uDladla njengoba amaphoyisa ekubeke kwacaca ukuthi akukho okumhlanganisa naleli cala. Uzoqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe.”
Uthe bona abakutholile ukuthi amaphoyisa abefuna abasolwa nemoto obekuthiwa kufihlwe emzini kaDladla kodwa awangakuthola.
I-DA yayikade isabise ngokuthi izofaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaDladla.
Umholi weDA kwisifunda uThukela, uMnuz Alf Lees, uthe angeke besasifaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaDladla.
“Sizolinda uphenyo lwamaphoyisa.”
Akazange achaze ukuthi bebeluthathephi ulwazi lokuthi uDladla ufunwa ngamaphoyisa.