KUZOCACA namhlanje ukuthi kuzokhishwa isinqumo esithini ngenzalo yemalimboleko njengoba kulindeleke ukuthi ikomiti leBhange loMbuso iSouth African Reserve Bank (SARB) Monetary Policy Committee limemezele ukuthi kuzomiswa kanjani ngayo.
Inhloko yeDebtBusters, uMnuz Benay Sager, ithe balindele ukuth imalimboleko yehliswe ngo-25 basis points namhlanje, athe kungenzeka ngenxa yokuthi intengo kaphethroli emhlabeni isazinzile okwamanje, okwehlisa umthwalo ezindlekweni zabathengi.
“Nokho yize kunjalo, ingcindezi edalwa wukwenyuka kwentengo kagesi okulindeleke ukuthi kuphinde kwenzeke futhi ngenyanga ezayo nokwenyuka kwentela efakwa ezimpahleni kungenza ukuthi umthwalo uqhubeke ube khona kubathengi, Ngicabanga ukuthi ngezinye izinto lezo iBhange loMbuso elizozibhekisisa ngaphambi kokuthatha noma yisiphi isimo elisicabangayo,” kusho uMnuz Sager.
Isikhulu esiphezulu seDebt Rescue uMnuz Neil Roets sithe kunzima ukuqinisa ngokucabangayo mayelana nesinqumo esizothathwa yiBhange loMbuso ngalokhu. Uthe nakuba sekuke kwenzeka izikhawu eziningana ukuthi kwehliswe umthwalo kubathengi, kepha futhi isimo somnotho wezwe asizinzile kahle okwenza kube nzima ukuqagela okuzokwenzeka. URoets uxwayise abathengi ukuthi baqaphele indlela abasebenzisa ngayo imali yabo ezintweni ezahlukene ngoba kungaba nomthelela ezinqumweni ezithathwayo.
Usomnotho wophiko lwezamabhizinisi eNorth West uSolwazi Raymond Persons uthe ikhona inhlansi yethemba lokuthi iBhange loMbuso lingezi nazinguquko kwinzalomboleko uma selinquma ngokuzokwenzeka namhlanje. Uthe lokho kungenxa yokuthi emhlanganweni wangoJanuwari kwavela ukukhathazeka ngezinto eziningi ezithikameza umnotho wezwe. Isimemezelo sizomenyezelwa yiNhloko yeBhange loMbuso uMnuz Lesetja Kganyago.