ABESEKA uDkt Zweli Mkhize emkhankasweni wakhe wokuhola i-ANC bathi akukho okuzobavimba ekumesekeni.
Bathi izinsolo abekwa zona mayelana nethenda eyanikezwa inkampani yezokuxhumana, iDigital Vibes, ngesikhathi esengungqongqoshe wezeMpilo, ngeke zibadikibalise ekumesekeni. Lokhu bakusho ngesikhathi uMkhize ehlangene nezinhlangano zabantu abasha eThekwini.
Kulo mhlangano, obungoLwesibili ebusuku, ubuholi be-ANC KwaZuluNatal nobe-ANC Youth League (ANCYL) buthe buzoqhubeka nokweseka uMkhize.
Kulindeleke ukuthi uMkhize aqhudelane noMengameli Cyril Ramaphosa, embangweni wokuhola i-ANC engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beqembu ezokuba ngenyanga ezayo.
Njengamanje uMkhize ulandelwa yifu elimnyama njengoba umbiko weSpecial Investigating Unit (SIU) wathola ukuthi waqamba amanga ngesikhathi ethi yena nomndeni wakhe abazange bahlomule kwithenda kaR150 million eyanikezwa iDigital Vibes.
UMkhize uwuphonsela inselelo enkantolo umbiko weSIU.Obemele i-ANCYL, uMnuz Lwandile Mtsolo, uthe lezi zinsolo ngeke zithikameze umkhankaso kaMkhize.
Uthe akufanele kuphunywe iqhubu noMkhize, wathi kufanele kunakwe nabanye abaholi be-ANC abalandelwa yifu elimnyama.
Uthe noRamaphosa kufanele aphendule ngodaba oluthinta ukugqekezwa kwepulazi lakhe eliseLimpopo, iPhala Phala.UMtsolo uthe njengoba i-ANCYL isimemezelile ukuthi izokweseka uMkhize, akusekho okuzobavimba.
“Angeke sibalahle abaholi bethu ngenxa yokuthi bathweswa amacala angathi shu. Okusikhathazayo wukuthi kukhona abaholi okuthiwa mabaphendule ezinsolweni abazibekwayo kodwa kukhona okungashiwo kubona ukuthi mabaphendule.
“Njengamanje sinesimo sasePhala Phala, lapho khona kwatholakala izigidi zamaDola aseMelika. Akekho osaphendulile futhi abathintekayo abakayi ukuyophendula esiteshini samaphoyisa.”
Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, lithe bakholwa wukuthi uMkhize angakwazi ukutakula izwe.
Uthe bayakholwa wukuthi ubuholi bukaMkhize bungeza noshintsho emabhizinisi kahulumeni.
“Esikufunayo ngukubuyiswa komhlaba nemfundo yamahhala.”
Ethula inkulumo, uMkhize ukhale ngabaholi athe sebekhohliwe yizidingo zabantu.
UMkhize uthe ukukhohlwa kwabaholi be-ANC yizidingo zabantu, kwenza ukuthi abantu bangabe besayithemba lle nhlangano.
“Kunabantu asebekhohliwe wukuthi yini esihlanganisile kwi-ANC. Abantu angeke baqhubeke nokwethemba i-ANC uma abaholi bayo sebekhohliwe yizidingo zabantu.”
UMkhize uthe ukushabalala kwe-ANC kungabeka engcupheni izwe. Uthe i-ANC ibalulekile ekuthuthukiseni elakuleli.