AMAQEMBU aphikisayo athe akukho okusha okushiwo wuNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana futhi akanazo izinhlelo ezicacile zokukhipha izwe esimeni esinzima semali.
IPhini likaMengameli we-IFP, Inkosi Mzamo Buthelezi lithe, izwe likulesi simo ngenxa ye-ANC njengoba amaguzu engasebenzi, ugesi uhamba umlibe futhi nesikweletu sezwe silokhu sikhulile kodwa umnotho ungakhuli.
Uthe abantu abalinde unyaka ozayo benze isinqumo esifanele okhethweni ukuze izwe liphume kule nkiyankiya elikuyo.
IPhini lomholi we-EFF, uMnuz Floyd Shivhambu, ligxeke ukuncishiswa kwemali ebhekelele ukuxhasa omasipala lathi akusona isimo esihle lesi.
Lithe uGodongwana akakhulumi ngezinhlelo zokudala amathuba omsebenzi kodwa ulokhu esusa imali ehlelelwe okuthile ayiyise kwenye indawo.
Uthe ukuze izwe likhule kudingeka izinhlelo ezicacile zokudala amathuba omsebenzi.
UMnuz Dion George okhulumela iDA kwezezimali, ukhale ngokuthi akukho nje okukhombisa ukuthi uGodongwana unezinhlelo zokuthuthukisa umnotho, axazulule inkinga yokunqamuka kukagesi, amise nokukhula kwesikweletu kodwa usazimisele ngokuchitha imali.
Ukhale ngokuthi abampofu akukho okutheni abakutholayo ngoba badinga imisebenzi ukuze bayeke ukulokhu benikwa imadlana engabayisi ndawo.
Uthe kubi kakhulu manje ngakho uGodongwana nohulumeni obusayo kufanele basheshise ngezinhlelo zokusebenzisana nezinkampani ezizimele ukuze kuvuselelwe ingqalasizinda ecekelwe phansi yiminyaka yenkohlakalo.
Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthe kubi ukuthi uhulumeni awuzange usilalele isexwayiso sowayewungqongqoshe wemali uMnuz Tito Mboweni owathi kufanele kuboshwe izifociya.
“Uhulumeni akakwazi ukulokhu ethatha imali yezinye izinhlelo eyifaka kwezinye. Siyawadinga amaphoyisa engeziwe, abasebenzi bezempilo nezikole ezinabafundi abangacinene emakilasini. Lokhu kuzokwenzeka uma uhulumeni enohlelo lokudala amathuba omsebenzi. Okwamanje alukho. Sifisa kusetshenziswe imali eningi ukuthuthukisa ingqalasizinda kule minyaka emithathu ezayo,” kusho uMashaba.
Uzwakalise ukuphatheka kabi ngokuthi kungase kuthathwe uR120 billion obekelwe ukwakha izindlu ukuze uye kwezinye izinhlelo.
UMnuz Matthew Parks, okhulumela iCosatu ePhalamende, uthe uGodongwana akanazo izinhlelo zokulungisa isimo.
Uthe abantu badinga imisebenzi ezodaleka uma kunezinhlelo ezinqala zokulungisa ingqalasizinda yezitimela, amachweba nezinkinga zase-Eskom.
Isazi somnotho sakwaFNB, uMnuz Siphamandla Mkhwanazi, sithe uGodongwana akakhulumi ngenkinga yokusweleka kwemisebenzi, akazimisele ukukhulisa umnotho ngezinga elifanele.